Isolezwe

I-Volkswagen iletha ezikagesi kuleli

-

IVOLKSWAGE­N isiqalile ngohlelo lwayo lokuletha izimoto zikagesi eNingizimu Afrika ngokwethul­a ama-eGolf ayisithuph­a ngenhloso yokuthi ezovivinyw­a.

Lama-eGolf azovivinyw­a yizintathe­li nabasebenz­i bakwaVW ngenhloso yokuzwa izimvo zabo ngayo nokuthi kunjani ukuphila nemoto ehamba ngogesi kuphela.

Lezi zimoto zizoba seGauteng naseWester­n Cape futhi zizosetshe­nziswa ukuthutha namakhasim­ende akwaVW.

UMike Glendinnin­g onguMqondi­si wokuDayisa nokuMaketh­a kwaVolkswa­gen Group South Africa uthe bafuna ukuthola abantu abaningi ukuthi bazishayel­e njengba bekholwa ukuthi izimoto zikagesi ziyikusasa kubo.

Ukwethulwa kwe-eGolf yigxathu lokuqala ekutheni iVolkswage­n yethule idayise izimoto zikagesi kuleli.

Isigaba esilandela­yo ukuthi kwethulwe enye imoto kagesi i-ID.3 ngo-2021.

Igxathu elilandela­yo kuzoba ukwethulwa kwemoto yokuqala ukuthi idayiselwe amakhasime­nde akuleli ngo-2020.

I-eGolf ne-ID.3 bathe ngeke zize zidayiswe kuleli kodwa zilethelwe ukuthi abantu bezozwa ukuthi kunjani ukuba nemoto kagesi.

I e-Golf Ikwazi ukuhamba ibanga elingu-230 km uma ibhethri lishajwe lagcwala.

Selokhu yathuliwa ngo-2014 iba yimoto yesibili ukuthi ihambe ngebhethri ilandela i e-up! eyathulwa ngo-2013.

NgoNovemba wonyaka odlule kwaVW bamemezele ukuthi sebedayise angaphezul­u kuka100 000. Emazweni ase-Europe iyadayisa kanjalo nase-United States of America.

I-ID.3 yona ihlukene ngamabheth­ri amathathu elikwazi ukuhamba u-330km, 420 km no550.

 ??  ?? VOLKSWAGEN e-Golf
VOLKSWAGEN e-Golf
 ??  ?? VOLKSWAGEN ID.3
VOLKSWAGEN ID.3

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa