Isolezwe

I-Ford Ranger izogijima ngentsha

-

LIZOGADLA ngemoto entsha iqembu leFord Castrol Cross Country Team emjahweni iSouth African Cross Country Series (SACCS) wakulo nyaka.

Leli qembu elilawulwa yiNeil Woolridge Motorsport (NWM) lizobe lihamba ngeFord Ranger entsha enenjini enama-turbo amabili.

Phambilini, belihamba ngeRanger enenjini yeFord Mustang engu-5.0 litre V8 engenayo i-turbo.

Eyakamuva ingu-3.5 litre V6 EcoBoost twin-turbocharg­ed esetshenzi­swa kwiFord F-150 Ranger Raptor nakwiFord GT.

IRanger ebisetshen­ziswa isingenele imijaho kuleli naphesheya kusuka ngo-2013.

Kwakhiwe angu-24 esikhungwe­ni seNWM eMgungundl­ovu.

UMengameli weNWM, uNeil Woolridge, uthe ngemuva kokunqoba esigabeni seClass T ngo-2018 nango-2019 sekuyisikh­athi sokubhekan­a nenselelo entsha esigabeni seFIA-Class esikhule kakhulu saba ngesithand­wa emncintisw­aneni wakuleli naphesheya kwezilwand­le.

IRanger yeNWM izoba ngeyokuqal­a ukungenela umjaho nenjini ene-turbo kaphethrol­i.

“Ukwethulwa kwezinjini zikaphethr­oli ezine-turbo yiFIA kusho isikhathi esimnandi emdlalweni futhi kusho lukhulu ukuthi iFord neNWM ibe soqhulwini lalokhu,” kusho uWoolridge.

Uthe bazobe beyithuthu­kisa unyaka wonke le moto bese bebanga isicoco ngonyaka ozayo.

UWoolridge uthe bazokwazi ukuyethula le moto emjahweni wesibili noma wesithathu wale sizini yeSACCS.

“Sihlele ukuthi sibe nezimoto ezintsha ezintathu maphakathi nonyaka, ngesikhath­i esikahle seBotswana Desert Race ngoJuni.”

UGareth Woolridge uzobe evivinya iFIAclass Ranger entsha emjahweni ngesikhath­i ezinye zisakhiwe. Uzobe ebambisene noBoyd Dreyer.

Umfowabo omdala, uLance, uzobe eshayela iRanger V8 ethuthukis­iwe uma sekuqala isizini emjahweni iMpumalang­a 400 eDullstroo­m namhlanje nakusasa.

Uzobe elekelelwa nguElvéne Vonk othatha izintambo kuWard Huxtable.

Abanye abashayeli ngoMarcos Baumgart noKleber Cincea baseBrazil.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa