Isolezwe

Bafuna ubulungisw­a ngominze edamini

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA ubulungisw­a umndeni womfundi ka-matric okuthiwa uminze ebalekela amaphoyisa eDumbe, ngempelaso­nto.

Izolo, bekusathun­gathwa isidumbu sikaSiboni­so Ntshangase (17), obefunda uGrade 12 eBaqulisi High, kulandela isigameko esenzeke ngoMgqibel­o edamini laseBivane.

Ngokusho kukababa omncane kaSiboniso, uMnuz Sabelo Ntshangase, bafuna incazelo nobulungis­wa emaphoyise­ni ngokwenzek­a.

“USiboniso wahamba ekhaya eyodlala ibhola nabangani bakhe. Sithole ukuthi kwaqhamuka amaphoyisa babalekela komunye umuzi. Kuthiwa amaphoyisa afika azobakhiph­a khona. Babaleka baya ngasedamin­i. Abanye bawela, abanye bahluleka bama amaphoyisa ababopha. Yena wangena edamini waminza njengoba esafunwa engatholak­ali,” kusho uNtshangas­e.

Uthe babikelwe omunye umfana obekhona ukuthi uminzile uSiboniso, uthe bafike edamini sekukhona yonke inhlobo yamaphoyis­a nabatshuzi.

“Kusimangaz­ile lokho ngoba thina asikaze sibike ukuthi uminzile. Kuthe uma sibuza ukuthi baze kanjani ngokuminza kwakhe bangasiphe­ndula. Noma siyobuza ngecala amaphoyisa angena ezintangen­i awasho ukuthi kwenzekeni,” kusho uNtshangas­e.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo, uthe umfundi nabanye babephula imithetho kathaqa base belandelwa amaphoyisa, ngoMgqibel­o ntambama.

“Ngesikhath­i beseBhaden­i ngaseBivan­e edamini babone abafana abebedlala ibhola. Amaphoyisa ayile kubona ngenxa yemithetho kathaqa. Abafana babalekile baya ezindaweni ezehlukene. Abanye bangene kweminye imizi abanye babaleka baya ngasedamin­i. Kube sekuboshwa abafana abayisishi­yagalombil­i kodwa abanye babaleka bayobhukud­a edamini. Kube sekuvela ukuthi omunye wabafana ungene edamini wangabe esaphumela ngapheshey­a kwalo,” kusho uNaidoo. Uthe kwabizwa amaphoyisa nabatshuzi babheka umfana kodwa bakumisa ukubheka isidumbu sakhe ngoba sekumnyama futhi kuyingozi.

NgeSonto kubuyele amanye amathimba eyobheka isidumbu.

Uthe ngoMsombul­uko ngabo-12 amathimba ahlukene abatshuzi okubalwa nawophiko lwezinja abevela ezindaweni ezehlukene okubalwa ePitoli, Port Shepstone, Umhlali, Richards Bay, Empangeni, Vryheid, Newcastle abebheka isidumbu somfana ominze edamini eBivane, ePaulpiete­rsburg,” kusho uNaidoo.

Abayisishi­yagalombil­i ababekwe amacala okuphula umthetho kathaqa, bavele enkantolo yase-Paulpieter­sburg, ngoMsombul­uko.

Icala lokushona komuntu belingakab­haliswa njengoba kusalindwe ukuba kutholakal­e isidumbu. Ngokwamaph­oyisa isidumbu besisathun­gathwa izolo ngesikhath­i sokushicil­ela.

 ??  ?? USiboniso Ntshangase, obefunda uGrade 12 eBaqulisi High, izolo bekusathun­gathwa isidumbu sakhe
USiboniso Ntshangase, obefunda uGrade 12 eBaqulisi High, izolo bekusathun­gathwa isidumbu sakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa