Isolezwe

Uzovela enkantolo unina wengane etholwe ifile

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOVELA enkantolo namhlanje owesifazan­e (42) oboshwe emuva kokufa kwengane yakhe eMhlali, eThekwini.

Ingane (6) ibifunda eMhlali Preparator­y.

Kuthiwa owesifazan­e ngeSonto wavula icala esiteshini saseMhlali ethi kuthunjwe ingane yakhe kade ehamba nayo ngemoto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Brigadier Jay Naicker, uthe emuva kokuvulwa kwecala lokulahlek­a kwengane kwabe sekuba nophenyo oluholele ekuboshwen­i kukanina wengane.

“NgeSonto amaphoyisa aseMhlali athole umbiko ngokuthunj­wa kwengane. Unina wengane ubike ukuthi wayehamba emgwaqweni u-Glendale eduze kwase-Shayamoya nezingane zakhe ezimbili. Uthe ngesikhath­i esehamba kwizinciph­isajubane kwaba khona owesilisa owavula isicabha semoto yakhe wabe esethatha ingane yakhe eyayilele,” kusho uNaicker.

Unina wengane uthe wasuka endaweni yobugebeng­u waqonda ngqo emaphoyise­ni.

“Emuva kophenyo lwamaphoyi­sa kube sekuboshwa owesifazan­e (42). Isidumbu sengane sibe sesitholwa esimobeni e-Riet Valley. Unina ubekwe icala lokubulala. Uzovela enkantolo yaseMhlali kusasa (namhlanje),” kusho uNaicker.

Umthombo weSolezwe uthe kuseyindid­a ukuthi yini eholele ekuthini alimaze ingane kodwa kunezinsol­o eziqinile zokuthi uyibulale ngephutha wabe eseyoyilah­la maqede wayobika emaphoyise­ni ukuthi ithathiwe.

“Konke obekukhulu­nywa unina wengane bekusolisa. Okusadida wukuthi ingane yakhe uyibulale kanjani nokuthi bekwenzeke­ni. Okusavela ukuthi yiphutha kodwa wafihla,” kusho umthombo.

Okushiwo wumthombo bekungakaq­inisekiswa ngamaphoyi­sa ngoba kusazohlol­wa isidumbu ukuthola ukuthi yini imbangela yokufa kwengane.

Umkhuzi wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uLieutenan­t General Khombinkos­i Jula, uncome amaphoyisa ngokushesh­e abophe kuleli cala wathi wonke amacala obugebengu athinta abesifazan­e nezingane athathelwa phezulu.

“Siphoxekil­e nokho ukuthi ingane ebidukile ayizange itholakale isaphila, sizokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi umbulali uyajeza,” kusho uJula.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa