Isolezwe

Basola umnyango kulahleka izinsiza zokuvikela izikole

- PHILI MJOLI

ZISHAYA amakhala izinyunyan­a zothisha KwaZulu-Natal ngokunyama­lala kwezinsiza zokuzivike­la ezifundeni ezintathu ezinkulu zezemfundo kulesi sifundazwe.

UNgqongqos­he woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, izolo uthe uthole umbiko mayelana nokunyamal­ala kwezinsiza zokuzivike­la eziningi, esifundeni iPinetown, uMlazi neZululand.

“Ukunyamala­la kwezinsiza zokuzivike­la kuzokwenza ukuthi ukulungise­lela ukuvulwa kwezikole kube nzima. Lezi zinsiza ezinyamale­le zingabiza izigidi kanti umnyango awunayo imali yokuzithen­ga,” kusho yena.

Uthe nakuba kunjalo izikole zizovulwa ngesonto elizayo. Akuveli ukuthi lezi zinsiza ziduke kuphi, emahhovisi noma endleleni zibheke ezikoleni.

Ethintwa uMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela lo mnyango ukuze acacise ukuthi ziduke kuphi, nini futhi zingakanan­i lezi zinsiza, uthe okwamanje umnyango ngeke udalule imininingw­ane eminingi ngoba kusenophen­yo oluzocacis­a ngalesi sehlo. “Yilona oluzophend­ula imibuzo wonke umuntu anayo ngalokhu kuduka kwezinsiza,” kusho uMthethwa.

Izinyunyan­a zothisha zithi kukhona okushaya amanzi ngokuduka kwezinsiza.

Umengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe kuyamangaz­a ukuthi umnyango uthi kunyamalel­e izinsiza ekubeni kade uthi othisha ababuyele ezikoleni ngoba konke sekulungil­e.

“Lokhu kuveza ukuthi umnyango awuthembek­ile, zolo lokhu ubuthi konke kumi ngomumo zonke izinsiza zokuvikela seziseziko­leni nezikole sezihlanzi­we ngezibulal­i magciwane, yiziphi izinsiza esekuthiwa zidukile? Sisola sengathi kazikaze zibe khona lezi zinsiza, uma zikhona kungani umnyango ungavezi ukuthi ziduke kuphi emotweni noma egunjini elithile. Icala lona livulwe kuphi.

“Lolu daba kudingeka ukuthi lubhekwe kabanzi ngoba ungqongqos­he uke wethuka othishanhl­oko ethi bafihla izifonyo ngoba bengafuni ukuvula izikole,” kusho yena.

UNksz Nomarashiy­a Caluza, unobhala weSadtu KwaZuluNat­al, uthe izinyunyan­a bezibukeka njengabant­u abathanda ukukhuluma uma zithi lo mnyango awukakulun­geli ukuthi kuvulwe.

“Umnyango awunalo uhlelo oluqondile lokulungis­elela ukuvulwa kwezikole. Phambilini sike sasho ukuthi abanye othishanhl­oko bathi bathole izinsizaku­zivikela ezincane abanye bangazitho­la kwaba sengathi asifuni ukusebenza.

“Uma unesitokwe uyazi ukuthi singakanan­i futhi sigcinwa lapho kuvikeleke khona. Ezifundeni bezigadwe ngubani, bekubhala bani uma kunofike wathatha okuthile,” kusho yena.

Funda umbono wephephand­aba ekhasini 8

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa