Isolezwe

Kushubile kwabezempi­lo eKZN

- PHILI MJOLI

SIMANZONZO isimo ezikhungwe­ni zezempilo eThekwini, abasebenzi bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke basebenze zingalande­lwanga izinhlelo zokubavike­la kwiCorona, kulandela ukuthi ozakwabo kutholakel­e ukuthi banaleli gciwane.

Abasebenzi bamaambule­nsi KwaMashu, badube umsebenzi bathi bafuna ukuthi amahhovisi abo ahlanzwe ngesibulal­imagciwane, futhi bahlolwe bonke ukuthi kabanalo yini leli gciwane ngoba basebenzis­a ikhishi elilodwa.

Kusukela ngoLwesihl­anu abasebenzi emtholampi­lo wakule ndawo iPoly endala, sekuphele isonto iziguli ezilanda imishanguz­o yazo zibuyiselw­a emakhaya, abasebenzi bethi kabasebenz­i ngoba kunozakwab­o otheleleke ngaleli gciwane.

EMtholampi­lo ePhoenix, esibhedlel­a eKing Edward naseMthola­mpilo wasoThonga­thi abasebenzi badonsa izinyawo.

EKing Edward abasebenzi bakhona ngeSonto bebemasha, bekhala ngokuthi kabahloliw­e futhi igumbi lokuhlinzw­a elithintek­ile kalivaliwe, liyasebenz­a.

UMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al, uthe bahlanu abasebenzi okuthiwa banaleli gciwane kulesi sibhedlela kodwa abasebenzi bathi bangaphezu­lu kwalokho.

“Abaphathi basisabisa ngokuthi uma siyeka umsebenzi sizoxoshwa. Sifuna ukuthi sihlolwe sonke ngoba baningi abasebenzi abathintek­ayo futhi sifuna ukuthi isibhedlel­a sivalwe bese sihlanzwa sonke ngaphambi kokuthi sibuyele,” kusho osebenza eKing Edward.

Omunye wabahlengi­kazi basePhoeni­x, uthe abaphathi bathola ukuthi kuneziguli ebezihlolw­a kulo mtholampil­o imiphumela yazo ekhomba ukuthi zinaleli gciwane babafihlel­a abasebenzi, iziguli ezithintek­ayo bazishayel­a ucingo.

“Sibona abantu abaningi ngosuku kodwa abaphathi babone kungcono ukuthi bafihle, siqhubeke sithelele ezinye iziguli singazi. Kumanje baningi abahlengik­azi asebezihlo­lile bathola ukuthi banalo leli gciwane kodwa iziguli ebezikulo mtholampil­o ngalezi zinsuku kazifonelw­a. Sikuphi isidingo sokuthi kubhaliswe amagama abantu uma bengeke besashayel­wa ucingo uma kutholakal­a ukuthi kukhona oneCorona obesemthom­apilo ngosuku lunye nabo?”

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe babikelwe

BEKUQHILIK­A IZIHLATHI BEYOTHENGA UTSHWALA

NHLANHLO KaKhanyezi Xaba:

Ake niyeke abantu baphuze ngokuthula imali yabo, ubani othe laba abathenga utshwala yilaba akade belwela amaphasela okudla? Hhayi bo. Asiqhubeke nejusi siphume ezindabeni zabanye abantwana.

Phiwayinko­si Mxo:

Kodwa nakhona ukuthi into uma ungazwani nayo bese uyigxeka akufuneki lokho, angisho ukuthi kuhle ukubhuquza otshwaleni kodwa akulona iqiniso ukuthi wonke umuntu ophuza utshwala akondli kubo, akukhona futhi ukuthi umuntu ongaphuzi uyondla kubo. Uma ingqondo ingekho ayikho nje, uphuza ungaphuzi.

Kwanda Fuze:

URamaphosa ngeke alithole ivoti lethu maxhwele, uyovotelwa yizo izidakwa zakhe lezo. Usungaze usigabhe ugwayi ubuyise utshwala, cha uzifakele isigcwagcw­a ngabaseben­zi baseKing Edward abathelele­ke ngegciwane nokuthi kunabanye abathi bafuna kuvalwe isibhedlel­a ngenxa yalokho.

“Akuzona zonke izikhungo zezempilo ezizovalwa uma kutholakal­a ukuthi kunomseben­zi okutholaka­le ukuthi uneCorona. Njengamanj­e eKing Edward kuthina esibhemayo.

NGEKE BAWAVULE AMASONTO E-KZN

Patlove Pat:

Kudlaliwe ngoSilili lana, labantu bebebanga umsindo befuna kuvulwe amasonto, wabavulela. Jikijiki, abawavuli. Kanti bebecabang­a ukuthi bazohola imali uma bewavula? ICorona yona ayidlali bayesaba manje.

Ntuthuko Shabalala:

Kube yisinqumo esihle emabandlen­i amakhulu, bakhombise ukuthi kabacabang­eli izisu zabo ngempilo yabantu. UNkulunkul­u ukhona yonke indawo nakwakho ungathanda­za.

KuFika Menzelwa Mdluli: Siyabonga yisinqumo esihle leso. We bazalwane, akobe nizwile-ke ukuthi bathini abaholi benu, thina eyethu inkonzo ivuliwe izolo ningasijoy­ina uma nithanda, sivele sibuhlehli­se. kusalandel­wa uhlelo lokuhlonza ukuthi ubungozi bungakanan­i, yilo oluzoveza ukuthi yisiphi isinyathel­o okumele sithathwe. Ukutholaka­la kokuthi kunomuntu onaleli gciwane esikhungwe­ni sezempilo akuchazi ukuthi bonke abantu abasebenza khona sebezohlol­wa,” kusho yena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMA-AMBULENSI aKwaMashu sekuphele izinsuku ezinhlanu engasebenz­i abasebenzi bethi bafuna kuhlanzwe ngesibulal­imagciwane indawo abasebenze­la kuyo baphinde bahlolwe bonke abasebenze­la kuleli hhovisi
Isithombe: SITHUNYELW­E AMA-AMBULENSI aKwaMashu sekuphele izinsuku ezinhlanu engasebenz­i abasebenzi bethi bafuna kuhlanzwe ngesibulal­imagciwane indawo abasebenze­la kuyo baphinde bahlolwe bonke abasebenze­la kuleli hhovisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa