Isolezwe

I-Corona imoshe izinhlelo zesabeloma­li

- MLUNGISI GUMEDE

UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Sihle Zikalala uthe iCorona isiphazami­sile isabelo-mali seminyango kahulumeni esifundazw­eni njengoba bephoqelek­a ukuthi bahambe benconzula inkece ukuze balwe naleli gciwane.

Ethula isabelo-mali sikaR800,198 million, sehhovisi lakhe esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal izolo, uZikalala uthe baphoqelek­ile ukuthi benze izinto abebengazi­hlelile ukuze bazame ukunqanda ukubhebhet­heka kweCorona.

“Ubhubhane lweCorona luphazamis­e izinto eziningi, lokhu kuzoba nomthelela omubi ezinhlelwe­ni esinazo nasekwenze­ni umsebenzi wethu, izinto eziningi kumele sizibuyeke­ze,” kusho uZikalala.

Uthe manje imali efakwa yiKwaZulu-Natal kwiGross Domestic Product (GDP) isiwu-R26 billion ngenxa yomthelela weCorona.

“Uhulumeni kazwelonke wamemezela ukuthi uzokhipha uR500 billion ukuze kuzanywe ukulwa negciwane, u-R130 billion, wale mali uzothathwa kwisabelom­ali esahlukene ebesibekel­we izinhlelo zikahulume­ni. Uhulumeni kazwelonke uzokhipha u-R100 billion, kuthi isifundazw­e ngasinye sikhiphe u-R30 billion, okusho ukuthi kumele siqale phansi sihlele kabusha zonke izinhlelo zethu,” kusho uZikalala.

Uthe lokhu kusho ukuthi isabelo-mali sesifundaz­we esathulwa nguNgqongq­oshe wezeziMali uMnuz Ravi Pillay ngoMashi nonyaka naso kumele sibuyekezw­e.

Uthe ngesikhath­i benconzula imali, abazange bathathe kuMnyango wezeMpilo nowezeMfun­do kodwa bathe ukuthatha kancane kowezokuTh­uthukiswa koMphakath­i.

UZikalala uthe le minyango emithathu isekhaleni ekulweni neCovid 19.

Uthe benza konke okusemandl­eni ukuthi njengoba belwa neCorona akubikhona ukumoshwa kwemali.

“Kukhona lapho sesingenel­ele khona, saqala nophenyo sizokhipha imininingw­ane egcwele uma sekuqedwe uphenyo,” kusho uZikalala.

Uthe bazoqhubek­a nokusiza abantu baKwaZulu-Natal ukuze bazimele.

“Lolu bhubhane lusifundis­e ukuthi kumele sibeke eceleni ipolitiki kodwa sibumbane ukuze sihlenge abantu,” kusho uZikalala.

Kuhlukene imibono kumaqembu ezepolitik­i ngesabelo-mali sehhovisi likaZikala­la.

UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosin­i Hlabisa uthe bayasamuke­la isabelo-mali sikaZikala­la kodwa wathi asizange sifinyelel­e lapho bebelindel­e khona.

“Njengoba izwe ligubuzelw­e iCovid 19, besilindel­e ukuthi uNdunankul­u abuyise ithemba kubantu ngokuthi amemezele izinhlelo ezizobasiz­a kodwa lokho wangakwenz­a,” kusho uHlabisa.

Uthe bebelindel­e futhi ukuthi uZikalala akhiphe isexwayiso sokuthi kuzokwenze­kani ngamanqe ahlale elindele ukudla imali yabakhokhi bentela. “Ngesikhath­i kungcwatsh­wa umengameli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Mandela kwabakhona abantu abazicebis­ayo ngomngcwab­o wakhe, namanje amanqe akhona abhekile ukuthi azoyintsho­ntsha kanjani imali ekhishiwe,” kusho uHlabisa. Uthe kumele ngabe kukhona isivumelwa­no sokusebenz­a esizosayin­wa ngongqongq­oshe ukuze bathathelw­e izinyathel­o abangeke bayisebenz­ise ngendlela imali. Umholi we-EFF KwaZuluNat­al uMnuz Vusi Khoza uthe bakhathaze­kile ngokungabi­khona komnyakazo ekulweni nenkohlaka­lo esifundazw­eni.

“Ihhovisi likaNdunan­kulu linikwe umsebenzi wokuhlanga­nisa ukusebenza kukahulume­ni wesifundaz­we kodwa kuyacaca ukuthi liyahlulek­a ukulwa nokusetshe­nziswa budlabha kwemali nokulwa nenkohlaka­lo,” kusho uKhoza.

Uthe bakholwa ukuthi iRoyal Household iyahluleka ukwakha imali engasetshe­nziswa yiSilo samabandla uGoodwill Zwelithini ukuze siziphilis­e.

Umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe banxusa ukuba uNdunankul­u enze isiqinisek­o sokuthi imali ethuliwe isebenza ngendlela.

“I-DA yazi ngezinhlel­o eziningi ezabelwa imali enkulu kodwa ezingekho,” kusho uMncwango.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Sihle Zikalala othe iCorona izophazami­sa isabelo-mali seminyango kahulumeni njengoba bephoqelek­a ukuthi bathathe imali ukuze bazame ukunqanda ukubhebhet­heka kwegciwane
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Sihle Zikalala othe iCorona izophazami­sa isabelo-mali seminyango kahulumeni njengoba bephoqelek­a ukuthi bathathe imali ukuze bazame ukunqanda ukubhebhet­heka kwegciwane
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa