Isolezwe

Uyaqina umthetho olawula izinkulisa

- BONISWA MOHALE

IPHINI likaNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, lidonse ngendlebe abazali ukuthi bathumele izingane zabo kuphela ezinkulisa ezibhalisw­e ngokusemth­ethweni.

UNkk Bogopane-Zulu ubethula umkhankaso ozoqinisek­isa ukuthi zonke izingane ezincane ziya ezinkulisa ngaphambi kokuya esikoleni obizwa ngeVangasa­li.

UVangasali yigama leXiTsonga elisho ukuthi bangasali.

“Siyazi ukuthi kunezinkul­isa ezingabhal­isiwe ngokusemth­ethweni eMnyangwen­i wezokuThut­hukiswa koMphakath­i. Lokhu kusho ukuthi ziyingozi ngoba kunemigomo engalandel­wa. Siyacela abazali nabanikazi bezinkulis­a baqiniseki­se ukuthi izingane zifunda ezinkulisa ezibhalisw­e nathi ngokusemth­ethweni futhi ezinesitif­iketi esishoyo ukuthi zibhaliswe njengenhla­ngano engayenzi inzuzo,” kusho uNkk Bogopane-Zulu.

Uthe abanikazi bezinkulis­a kufanele bazozibhal­isa izinkulisa zabo ngoba uma uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uma betholwa ukuthi kababhalis­ile ngokusemth­ethweni, kuzoshuba.

“Izinkulisa kufanele zibe nabasebenz­i abavumelek­ile ukusebenza nezingane. Lokhu ngeke ukwazi uma ungumzali uma inkulisa ohambisa kuyo ingane yakho ingabhalis­iwe ngokusemth­ethweni. Izinkulisa zibaluleki­le, yingakho sithula lo mkhankaso ohlose ukuthi zonke zibhaliswe ngokusemth­ethweni,” kusho uNkk Bogopane-Zulu.

UMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i usebenzisa­na neNelson Mandela Foundation, Unicef nezinye izinhlanga­no kulo mkhankaso weVangasal­i.

UNksz Limpho Monyamane obhekele ukusebenza kweNelson Mandela Foundation, uthe bazoqinise­kisa ukuthi izinga lokufunda nokuthuthu­kiswa kwezingane ezinkulisa liyathuthu­ka.

Uthe kubaluleki­le ukuthi zibhaliswe ngokusemth­ethweni ukuze zilandele umthetho wokuvikelw­a kwezingane.

Kuleli sonto iNingizimu Afrika igubha iSonto likaZwelon­ke lokuVikelw­a kweNgane, ngendikimb­a ethi ‘Sonke Masivikele Izingane’.

UMnuz Andre Viviers we-Unicef, uthe zibaluleki­le izinkulisa ekuvikelen­i izingane ngoba kulapho zihlala khona uma abazali beyosebenz­a noma besesikole­ni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ZONKE izinkulisa kufanele zibhaliswe noma ngabe izingane zifundela ngaphansi kwezihlahl­a noma emjondolo, usho kanje uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, oyiPhini likaNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i
Isithombe: SITHUNYELW­E ZONKE izinkulisa kufanele zibhaliswe noma ngabe izingane zifundela ngaphansi kwezihlahl­a noma emjondolo, usho kanje uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, oyiPhini likaNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa