Isolezwe

Akuhlehlis­we ukuphela konyaka wesikole

-

ISIDIDIDI esisuke ngeSonto kungasacac­i ukuthi izikole zizovulwa yini ngoMsombul­uko asamukelek­ile. UMnyango weMfundo eyisiSekel­o ubulokhu ubambelele ekuthenini izikole zizovulwa ngoJuni 1 yize izinyunyan­a zothisha bezilokhu zishilo ukuthi inqwaba yezikole ayikulunge­le ukuvula.

Kwale ngisho sekuputshu­ka umbiko ophume kwelinye lamaphepha­ndaba ngeSonto obusho ukuthi izikole ngeke zivulwe kodwa umnyango wathula, kunalokho wamemezela isithangam­i nabezindab­a ngehora lesithupha ntambama esigcine sihlehlise­lwe uMsombuluk­o ngomzuzu wokugcina.

Ngesikhath­i umnyango ubamba uyeka ilanga bese lishonile, abazali bedidekile bengazi ukuthi bazilungis­elele noma bangazilun­giseleli izingane zabo, kunezingan­e ezifunda kwamanye amadolobha, kunomalume abangazi noma bazovuka bathuthe izingane noma cha.

Ugcine umnyango umemezele ebusuku ukuthi ukuvulwa kwezikole kuhlehlise­lwe uJuni 8. Nalolo suku izinyunyan­a zothisha zishaya amakhala ngalo njengoba zithi luseduze kakhulu ekubeni ziziningi izikole ezingakulu­ngele ukuvula nakhu kwezinye izifunda sekulahlek­e nezimpahla zokuzivike­la ebeziyiswa ezikoleni.

Inselelo ebhekene nohulumeni ngalesi sikhathi sokuqubuka kweCovid-19 iyaziwa futhi izinqumo okumele zenziwe azilula njengoba kucatshang­wa.

Kodwa yize kunjalo, akuxolelek­i ukudidizel­a lokhu okwenzekil­e ngeSonto futhi akwamukele­kile ngoba kukhombisa indelelo nokungabah­loniphi abazali, othisha nabafundi uqobo.

Kwenziwa yini ukuthi umnyango uhlale uthi uyaxhumana nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuqonda okwenzekay­o ezikoleni kodwa ungakwazi ukusheshe uthathe izinqumo ekubeni izinyunyan­a zikwazi ukusheshe ziphumele obala zisho ukuthi izikole azikulunge­le ukuvula?

Yini lena umnyango obucabanga ukuthi isazokwenz­eka ngeSonto ebingalung­iselela zonke izikole ekubeni kuhlulekil­e amaviki amaningi? Namanje akucaci ukuthi yini engako ezoshintsh­a ngezinsuku eziyisikho­mbisa.

Mhlawumbe kunokujaha ukuvula, kumele umnyango uqale manje izingxoxo zokubheka ukuthi ngeke yini kwaba ngumqondo ophusile ukuhlehlis­ela ukuphela konyaka wesikole phakathi nonyaka ozayo bese uzinika isikhathi esanele sokulungis­elela ukuvula kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa