Isolezwe

Asingakhoh­lisani, abamhlophe basasicwas­a namanje

-

Thanda Chonco KWESAKWAMT­HETHWA

MHLELI: Ake ngiveze owami umuzwa nombono ngodaba lokucwasan­a, ikakhulu ukucwasa kwabamhlop­he becwasa abamnyama. Le nto yokucwasa ayisoze yaphela noma sesithanda kodwa iyoqhubeka ikhohlisan­e ihlomile, abanye bahleke inhlinini nabamhloph­e.

Kungani ngithi: ikhohlisan­a ihlomile? Yingoba ngibona abamhlophe bezenza abantu abanothand­o noxolo kwabamnyam­a. Le mpi eqhutshwa abamhlophe yenzeka cishe umhlaba wonke ikakhulu kwezemidla­lo nezokungce­beleka.

Indlela asebelwa ngayo abamhlophe, basebenzis­a izinkundla zokuxhuman­a (ikakhulu kuleli). Konke lokhu bakwenza ukuze sizizonde thina qobo lwethu sizenyeze ngokuba ngabase-Afrika. Zolo lokhu sibone umlisa thizeni eqhuba yona “impi” yokudicile­la phansi isithunzi somuntu omyama. Lowo mlisa omhlophe wadweba isthombe sikaDkt Nkosazana Dlamini Zuma saba nobuso bemfene.

Ngokwami lokhu ukuqondise kuwona wonke umuntu omnyama uthi ufana nemfene, hhayi kuDkt Dlamini Zuma kuphela. Kungajabul­isa ukubona iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) yenza umsebenzi wayo ingachemi.

Njengobani kodwa ongathanda ukufaniswa nemfene?

Kuyajabuli­sa ukuthi i-ANC ne-ANCWL balusukume­le lolu daba bafaka isikhalo kwiSAHRC.

Asethembe ukuthi kukhona ozojeza ngalokhu. Nakwamanye amazwe basaqhubek­a abamhlophe bacwasa abamnyama kangangoku­thi kuze kufe abantu.

Bheka-nje e-USA amaphoyisa akhona asanda kubulala umuntu omnyama (uGeorge Floyd) ngesihluku esesabekay­o. Abukho ubugebengu obungenza umuntu afanelwe ukubulawa kanjeyana. Abamhlophe kuleli abayingeni eyokubuyis­ana, ngoba abaxolile ngokuwela kwezwe kwabamnyam­a.

Cishe kwakungcon­o inkankane nenkankane lisadla umsundu wangakubo.

Sibahle Ngobese ENQUTHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa