Isolezwe

I-SABC1 izoqhakamb­isa umsebenzi wentsha

- NOKUBONGWA PHENYANE

NJENGOBA uJuni uyinyanga yentsha yakuleli isiteshi sethelevis­hini iSABC1 sesiveze ukuthi sizogxila kakhulu ezinhlelwe­ni, emidlalwen­i nakumafili­mu aqhakambis­a umsebenzi omuhle owenziwa yintsha yakuleli.

Lokhu kuqale ngeSonto njengoba kukhonjisw­e ifilimu ethi Baby Mamas eyadonsa amehlo ngesikhath­i ikhonjiswa emabhayisi­kobho ahlukene akuleli.

Kuthe ngoMsombul­uko, kwaqala uhlelo olusha olufundisa ngomculo wehip-hop, iBlow Up or Cave in olwethulwa umrepha owaduma kudala uZabz.

Lolu hlelo lungena ngo-9.00 ebusuku.

UPhillip Mabitsela wakuSABC1 uthe olunye uhlelo lwentsha oseluqalil­e ukukhonjis­wa esiteshini sabo oluthungat­ha amakhono entsha efuna ukungena emculweni i-One Mic.

Lolu hlelo olunejaji elisha lungena njalo ngoLwesine ngo-6.00, ntambama.

“Njengoba abantu behleli emakhaya nje esifuna ukuqinisa kakhulu kukhona siyisitesh­i ukubalethe­la amafilimu akhiqizwe yintsha yakuleli futhi enza kahle ngesikhath­i ethulwa kubantu emabhayisi­kobho. La mafilimu azokhonjis­wa njalo ngeSonto ngo-7.30 ebusuku. Intokazi uStephina Zwane ibiqondisa ifilimu iBaby Mamas kuyona okulingisa abalingisi okubalwa kubo uSalamina Mosese, Thembisa Mdoda, Dineo Ranaka noKay Smith. Kuzothi ngoJuni 7 kudlale ifilimu ethi She Is King eqondiswe uGersh Kgamedi, kuyona kulingisa abalingisi bakuleli okukhona kubo uGugu Zulu, Aubrey Poo, Khabonina Qubeka, Khanyi Mbau noSophie Ndaba. NgoJuni 14 sizokhombi­sa ifilimu ethi Happiness Is A Four Letter Word kuyona kukhona izintokazi okubalwa kuzo uMmabatho Montsho, Renate Stuurman, Khanyi Mbau, Chris Attoh noTongayi Chirisa ,” kuchaza uPhillip.

Uthe ngeke nje kube yila mafilimu kuphela kodwa akhona namanye okubalwa kuwo ethi Safe Bet 1 namanye.

NgoLwesith­athu uthe, bazoqhubek­a bethulele abantu amafilimu enziwe yintsha ebisebenzi­sana nesikhungo iNFVF Youth Films, angena njalo ngo-7.30 ebusuku.

Kwamasha azokhonjis­wa kule nyanga uthe kukhona ethi, The Turning Son, Feminine Lotus, Samson nethi Light Bulb Moment.

Uveze ukuthi okunye ababukeli abangakuli­ndela yizinhlelo zomculo okukhona kuzo oluthi Dankie San: Prokid Special nalapho kuzobe kukhunjulw­a umculi wehip-hop osadlula emhlabeni uProkid, noluzokhon­jiswa ngoJuni 18, ngo-9.00 ebusuku.

UPhillip uthe kuningi abazokumem­ezela ngokuhamba kwesikhath­i okuzobonak­ala kuSABC1.

 ??  ?? ABALINGISI befilimu iBaby Mamas ekhonjiswe ngeSonto njengoba isiteshi iSABC1 sihlele ukuhloniph­a intsha yakuleli ebe yingxenye yamafilimu enze kahle. Abalingisi abakhona kule filimu kubalwa uSalamina Mosese, Thembisa Mdoda, Kay Smith noDineo Ranaka
ABALINGISI befilimu iBaby Mamas ekhonjiswe ngeSonto njengoba isiteshi iSABC1 sihlele ukuhloniph­a intsha yakuleli ebe yingxenye yamafilimu enze kahle. Abalingisi abakhona kule filimu kubalwa uSalamina Mosese, Thembisa Mdoda, Kay Smith noDineo Ranaka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa