Izinhlelo zokubuyela enkundleni kwabelomnqakiswano
UMENGAMELI weNetball South Africa (NSA), uCecilia Molokwane, uthembise abalandeli balo mdlalo ukuthi isazoqhubeka eminye imiqhudelwano ebihlelelwe lo nyaka ezingeni likazwelonke, phezu kokuphazamiseka kwekhalenda ngenxa yegciwane iCorona.
Ngesikhathi kumiswa yonke into ezweni, ukulwa nokusabalala ngesivinini kweCorona, iqembu lesizwe iSpar Proteas, lalizoya ekhempini ngoMashi kanjalo neqembu lika-Under 21.
Ngo-Ephreli kwakuzoqala iTelkom Netball League edlalwa amaqembu ezifundazwe. Sekuhlehle ne-Quad Series, amaProteas obekumele ayidlale ne-Australia, New Zealand ne-England ngoSepthemba.
Esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, uMolokwane uthe bazobhalela ungqongqoshe wezeMidlalo, uNathi Mthethwa, bechaza ngezinhlelo abanazo zokubuyela ekudlaleni, nezindlela eziphephile abazoqhamuka nazo zokuziqeqesha. UMolokwane uthe bacabanga ukuthi bangakwazi ukuqala ukudlala okungenani ngoSepthemba.
Uthe imiqhudelwano abahlela ukuthi nakanjani babe nayo kulo nyaka, yiDiamond Challenge ezodlalwa amaProteas, iTelkom Netball League, iSA Spar Challenge, umqhudelwano wabesilisa we-netball, bese kuba namakhempu okuqeqesha amaqembu esizwe.
Uthe basazobhunga nabaxhasi babo babonisane ngokuthi bayifaka kanjani kwibhajethi eyokuhlolwa kwabadlali, nokuqinisekisa ukuthi wonke amaqembu azodlala anodokotela abasezingeni abazoqisekisa ukuphepha kwempilo yabo bonke abathintekayo emaqenjini.
Umqhudelwano ozoshayeka oka-Under 19 ongeke usaba khona, kanjalo nowezikole esigabeni sikaUnder 17, Under 18 no-Under 19 abebehlele ukuwuqala kulo nyaka.
“Sisenethemba lokuthi i-netball izodlala ngo-2020 kodwa futhi okusemqoka wukuqonda ukuthi impilo yomuntu iyona ebalulekile.
“Imiqhudelwano singakwazi ukubuye sibe nayo kodwa impilo ngeke uyipheshe ngenye,” kusho uMolokwane obeyisisulu seCorona kodwa wasinda.
“Ngokubuka kwethu sizokwazi ukudlala uma sekwehlelwe esigabeni sokuqala. Uma sibheka isimo esikusona sizoqala ezingeni likazwelonke kwiSpar Proteas naseqenjini lesizwe lika-Under 21 njengoba kumele lidlale kwiNdebe yoMhlaba eFiji ngonyaka ozayo.”
Uthe bahlela ukumema amaqembu amabili noma amathathu azoza azodlala neNingizimu Afrika kwiDiamond Challenge. Uthe bese bezifakile izicelo kwiJamaica naseMalawi.
“Sizoba namakhempu okuziqeqesha uma sesifike kwisigaba sokuqala ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi silandela izinhlelo zokuphepha. Sizombhalela incwadi ungqongqoshe ezinsukwini eziwu-14.
“Sifuna ukuqala izinhlelo kuzwelonke. Sifuna amalunga ethu ayazi imigomo yezokuphepha okuzomele ayilandele uma eseziqeqesha ngoba asifuni kubekhona esibanyathela amakhona,” kusho uMolokwane.