UModise unesilonda sokungayi phesheya
UKHALA ngokungaqondi ipolitiki esebholeni uTeko Modise, eyamphuthisela ngethuba lokuyozama inhlanhla phesheya kwezilwandle.
Kuhlale obala ukuthi uModise isamudla iminjunju yesilonda sokuthi uze wawabeka emgibeni amakhokho engazange aye kolunguza emaqenjini angaphandle kweNingizimu Afrika. UModise ube nengxoxo exhaswe ngabakwa-Puma kwi-Insta Live edlana indlebe nenkakha yeKaizer Chiefs uDoctor “16 V” Khumalo.
UKhumalo ungomunye wabadlali uModise athe wayebukela kubona esewumfana osemncane onephupho lokudlala ibhola ezingeni elikhokhelayo, yiseqenjini lesizwe iBafana Bafana nokuya phesheya.
Ngesikhathi le ngxoxo ebigxile emlandweni kaKhumalo ebholeni, isiya ngasekupheleni, u-16 V ubuze uModise ukuthi ngabe iyiphi into eyamphoxa eyenzeka kuyena njengomdlali.
“Into eyangiphoxa kulo mdlalo njengomdlali wukungaqondi ipolitiki ehambisana nawo. Ukuvimba abadlali ekuzameni ukufeza amaphupho abo. Njengeqembu nisuke ninamaphupho, nifuna ukuwina iligi. Kanjalo nawe uwumdlali unamaphupho njengokudlalela iBafana Bafana, ukudlalela iqembu elikhulu nokuya phesheya. Ngangizenza lezo zinto. Ngizinikele ngakho konke eqenjini kodwa ukungalitholi nethuba lokuba sendizeni ngihambe ngiyofeyila ngokwami ke. Ukunganikwa ithuba lokuyozibonela ukuthi kungifanele yini ukuba yingxenye yabadlali baphesheya, lokhu kwawabulala kwawaqeda amaphupho ami. Kwangiphazamisa ngalahlekelwa yiminyaka emibili yokudlala ibhola ngoba ngangiselapha lesi silonda,” kusho uModise. Uthe okwakumhlupha kakhulu wukuthi wayekade embonile uKhumalo nabanye ozakwabo bewathola amathuba okuya kwamanye amazwe, okuyikhona kanye okwakumkhuthaza ukuthi naye asebenzele lelo thuba.
“Abalandeli ngapha bona bazitshela ukuthi yingoba ngizibona ngingcono (ngesikhathi esehlelwe yifomu). Mina ngangilwa nokuthi yebo uTeko uyisilomo, udlalela iqembu elikhulu kodwa ngabe angakwazi yini ukuyodlala phesheya njengoba esadlala lapha. Ngangikubonile wena uya phesheya, aboHelman (Mkhalele) naboShoes (Moshoeu) nihamba. Kwakungani mina ngivinjwa? Lokhu kwakungimosha kakhulu,” kusho uModise. UModise osewumhlaziyi wemidlalo ye-Absa Premiership kwiSuperSport, uyeke ukudlala ngo-2019 esegijima kwiCape Town City. Ufike kuyona esuka kwiMamelodi Sundowns ayehlale kuyona kusukela ngo-2011 kwaze kwaba u-2017. Yize engazange alisho iqembu akhuluma ngalo kodwa wake wakuveza ukuthi yikwi-Orlando Pirates lapho athola khona izicelo eziningi zamaqembu aphesheya.
Wahlala amasizini amane kweZimnyama. “Ngiyazisola ngokuvumela iPirates ukuthi ime endleleni yami yokuya phesheya. Ngicabanga ukuthi ngabavumela. Ngangibathemba ngesikhathi ngibajoyina bathi uma kukhona ithuba elivelayo ngeke bame endleleni yami,” kusho uModise ngo-2012.