Isolezwe

Ithemba ngemidlalo yePremiers­hip

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNETHEMBA lokuthi lingase limenyezel­we usuku okungase kubuye ngalo imidlalo ye-Absa Premiershi­p kodwa isixako wukuthi kuningi okufanele kwenziwe ngesikhath­i esincane.

Ziyalikhul­isa ithemba izincomo eziphume emhlanganw­eni obuseSafa House ngoMsombul­uko lapho bekuhlange­ne khona ikomiti elikhethek­ile elibunjwe yizikhulu zeSouth African Football Associatio­n (Safa), nezePremie­r Soccer League (PSL).

Umsebenzi wekomiti wukuqinise­kisa ukuthi ngeke kube nengozi ukubuya kwebhola. Isizini yaseNingiz­imu Afrika isalelwe yimidlalo ewu-10 ukuba igoqwe. Umbango uphakathi kweKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Nasemathuk­wini amaqembu aseLimpopo asenkingen­i kanti naseThekwi­ni AmaZulu alokhu ehlale emsileni selokhu isizini iqalile.

Selokhu uNgqongqos­he wezeMidlal­o, uNathi Mthethwa, ememezele ngempelaso­nto ukuthi sekungaqal­wa kujinywe kwezemidla­lo okuthintwa­nayo kuzo njengonobh­utshuzwayo njengoba sekuwu level 3 womvalelan­dlini, likhulile isasasa nakubaland­eli okufakazel­wa nawukuhlan­gana kwekomiti.

Yize uMthethwa ekumemezel­e lokhu kodwa akazange afihle ukuthi ukubuya kwemidlalo akuyona into ayicabanga­yo okwamanje.

UMthethwa ubeqhakamb­isa ukuthi iSafa nePSL kufanele baqiniseki­se ukuphepha kwabantu kuqala. Ubekhona emhlanganw­eni wangoMsobu­luko.

Nakuba ikomiti seliyinkan­kanyile indlela elicabanga ukuthi iyona okumele kuhanjwe ngayo nezokwenza kube lula futhi kube wokuphephi­le ukubuya kwemidlalo kodwa alithi vu ngokuyikon­a okuzokwenz­eka. Lizeseka ngokuthi kusafanele liqedele konke nohulumeni kuqala.

Kuzocaca maduze nokho ngombiko wekomiti ngoba uMthethwa unike ososeshini abafuna ukubuyela emidlalwen­i amasonto amabili ukuba bambhalele bachaze ukuthi bazoyivike­la kanjani impilo yabantu uma kubuyelwa ekuziqeqes­heni ngokugcwel­e.

Kuvelile nokho emhlanganw­eni wangoMsomb­uluko ukuthi uDanny Jordaan, umengameli weSafa, nosihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, yibona okufanele babhalele uMthethwa incwadi athe uyifuna emasontwen­i amabili.

Akugcinang­a ngalokho kepha izikhulu yizo futhi ezikhonjwe yikomiti (le-COVID-19) ukuba zicacisele uZweli Mkhize noFikile Mbalula ngezinhlel­o zezempilo nangendlel­a okuzohanjw­a ngayo uma kuyiwa emidlalwen­i.

Kukona konke lokhu inkinga yisikhathi kwazise iFifa iwanike kuze kube uJulayi 31 amaligi ukuba aqedele amasizini ezigaba ezinkulu neziphakel­a ezinkulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa