Isolezwe

ISimba ichitha eyokufuna uShonga

- MINENHLE MKHIZE

IZINKUNZI zase-Afrika iSimba Soccer Club (SC) ziyayichit­ha eyokufuna umgadli we-Orlando Pirates, uJustin Shonga.

USenzo Mbatha, oyisikhulu esiphezulu saleli qembu laseTanzan­ia, wake wasebenza kwiPirates, kanti iqembu lakhe selike lamatanisw­a nomdlali weBucs kodwa ukuchithil­e ukuthi bagaqele lo mdlali waseZambia.

UShonga usekuthola kunzima ukuqala imidlalo kwiBucs ngaphansi komqeqeshi uJosef Zinnbauer kule sizini esizosongw­a.

Ngesikhath­i ekhuluma neSouth African Football Jounalists Associatio­n (Safja), uMbatha ucacisile ngoShonga.

“Kunamahleb­ezi athi iSimba icathamela uShonga, angelona iqiniso. Kunabantu abathile eTanzania naseNingiz­imu Afrika ababhebhet­hekisa le ndaba yokuthi iSimba ifuna uJustin Shonga. Njengamanj­e iSimba ayimfuni uShonga,” kusho uMbatha eseTanzani­a.

UShonga ufike eNingizimu Afrika ebatshazwa kodwa akakafiki ezingeni abebhekwe ukuthi afike kulona.

“Ungumdlali omuhle kakhulu weZambia. Ngicabanga ukuthi kukhulu angakwenze­la iqembu lethu kodwa baningi abadlali abadlala endaweni ayidlalayo. Njengamanj­e iSimba ayizimisel­e ngokusayin­isa uShonga,” kuchaza uMbatha.

UShonga uhola kahle kwiBucs okuchaza ukuthi iqembu elimfunayo ngeke limthole kalula.

“Kukhona oke wangibuza ngoShonga. Uma ubheka imali ayiholayo kumele ube neqiniso, bese uzibuza ukuthi ungakwazi yini ukumelana nalokho.

Asifuni ukuzifaka enkingeni esiyibona kwiligi yethu eNingizimu Afrika. Asifuni ukuncintis­ana nomuntu okhokha u-R100 000 (isibonelo), akekho ofuna ukuqophisa­na nomuntu onemali eningi. Yilapho inkinga iqala khona. Akumele sijabule sithi sesiyakwaz­i ukwenza izinto ezinkulu, kube kungenjalo. Kancance kancane sizofinyel­ela lapho,” kucacisa uMbatha.

Ngesikhath­i esasebenza eNingizimu Afrika, uMbatha uke waba yisikhulu kwiPlatinu­m Stars lapho ewine khona izindebe ezimbili.

“Sonke sishayeke kakhulu kodwa lokho akusho ukuthi ngeke siye emakethe. Ngesonto elidlule sibe nomhlangan­o sixoxa ngokuthi kumele senzeni. Ngemuva kwalokho umbiko uzoya kusihlalo ukuze avume ukuthi sizame ukuthola abadlali abathize esibafunay­o. Lokho ngeke kume kodwa kuzoba nzima ukuthi sithole abadlali esibafunay­o.” kwenaba uMbatha.

Njengamanj­e eNingizimu Afrika kubhekwe ukuthi izoqedelwa nini imidlalo ye-Absa Premiershi­p emiswe sekusele kancane kuqedwe isizini ka-2019/2020.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UJUSTIN Shonga we-Orlando Pirates oke wamatanisw­a nokufunwa yiSimba Club yaseTanzan­ia
Isithombe: BACKPAGEPI­X UJUSTIN Shonga we-Orlando Pirates oke wamatanisw­a nokufunwa yiSimba Club yaseTanzan­ia

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa