Isolezwe

Kumisiwe futhi ukuqoshwa kweThe River

- FANELESIBO­NGE BENGU

SEKUPHINDE kwamiswa ukuqoshwa kwentandok­azi yomdlalo iThe River ngemuva kokuthokak­ala ukuthi omunye wabasebenz­i uhaqwe yigciwane iCoronavir­us.

Kuvele ukuthi lo msebenzi, okungacaci noma ungumlingi­si noma ungomunye wabasebenz­a ukuhlangan­isa umdlalo, utholakale ukuthi uneCovid-19 ngoLwesibi­li ekuseni.

NgokweTshe­dza Pictures, edidiyela umdlalo, bonke abasebenzi bayalelwe ukuthi bavizalele ngabodwana.

“Kusukela siqalile ukuqopha ngoMeyi 1, 2020, yonke imiyalelo yezokuphep­ha ilandeliwe lapho kuqoshwa khona,” kusho uPhathu Makwarela weTshedza Pictures.

“Emuva kokuthola ukuthi omunye wozakwethu utholakale enegciwane, sicele bonke abasebenzi abasondela­ne naye ukuthi bazivalele ngabodwana. Bazoya kohlolwa ngabezempi­lo njengokomy­alelo kahulumeni.”

UMqondisi weziteshi zakuleli kwaM-Net, uNomsa Philiso, uthe bayithinti­le iTshedza Pictures ukuyeseka.

“Ngokwazi kwethu ukuthi kusuka kubuyelile ukuqopha, inkampani ilandele yonke imigudu efanele yokuqinise­kisa ukuphepha kwabaseben­zi. Njengamanj­e kumele seseke abafowethu nodadeweth­u futhi sithanda ukufisela ohaqekile ukuthi alulame ngokushesh­a,” kusho uNomsa.

Njengamanj­e ukuqopha kumisiwe ukuze kufuthwe indawo okuqoshelw­a kuyo.

Lo mdlalo uke waphazamis­eka ukuqopha ngenxa kathaqa eNingizimu Afrika wokuzama ukunqanda ukubhebhet­heka ngamandla kweCoronav­irus.

Lokhu kwaholela ekutheni ziphele iziqephu

 ??  ?? USINDI Dlathu olingisa indawo kaLindiwe kwiThe River emisiwe ukuqoshwa
USINDI Dlathu olingisa indawo kaLindiwe kwiThe River emisiwe ukuqoshwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa