Kuyangelapha ukuzwa umculo kaMandoza : kusho uMpho
entsha kaMandoza ethi Pretend I’m Back eyenziwe ngumdidiyeli wakhe wakudala uGabi le Roux.
Le ngoma yenzelwe ukubungaza iminyaka engu-20 kwaphuma iNkalakatha.
“Sinemicimbi ebesiyihlelele uSepthemba, okuyinyanga yamagugu nenyanga ahamba ngayo. Besizoba namakhonsathi amakhulu kodwa manje sihlela kabusha yonke into ukuthi ibe online. Mhlawumbe amanye amakhonsathi sesiyowenza ngonyaka ozayo,” kuchaza uMpho.
Uthe futhi kuzophuma ne-albhamu yezingoma zikaMandoza ezenziwe kabusha.
“Uma kudlala umculo wakhe ngisajabula namanje. Ngihlala ngisho ukuthi sinenhlanhla thina njengomndeni ngoba abanye uma belahlekelwa yizihlobo zabo kuyathuleka kodwa thina sisakwazi nokuzwa iphimbo lakhe. Usasekhona, unami. Nginomculo wakhe engiwusebenzisayo ukukhuza abantwana ngawo ngoba unomyalezo. Kuyangilapha ukuzwa umculo wakhe.” obekwenziwa lana, iqiniso lizovela ekugcineni.
ITHEMBA NGEMIDLALO YE-PREMIERSHIP
Stha Zondi: Kubangwa, kubangwani, vele ngoba ngabe bayanikwa nje abeChiefs isicoco. Mbikostar Ntlakah Ngema: Bekumele uthi umbango phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. Uyone usufaka i-Orlando Pirates nje. Sibongiseni Petros Shezi: Izindaba ezibuhlungu nje wukuthi abalandeli beChiefs bese bekhale kakhulu kwiPSL, becela ukunikezwa indebe bengazange bayiwine. Kuphelile-ke lokho ngoba kubuyelwa ensimini manje, indaba yokukhala nokuphiwa indebe iphelile. Ozowina indebe yiqembu elizonqoba yonke imidlalo esele, hhayi indawo yokuphiwa indebe.