Isolezwe

Utokile osolwa ngokufa kwendodaka­zi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOGQUNYWA esitokisin­i kuze kube uJuni 10 unina wengane eneminyaka eyesithuph­a osolwa ngokuyibul­ala. UNkk Fungai Nyamadzawo (42), uvele izolo enkantolo yaseMhlali ngamacala amane okubalwa kuwo elokubulal­a indodakazi yakhe eneminyaka eyisithuph­a u-Alexia Nyamadzawo, elokuphaza­misa ukusebenza komthetho, elokuqamba amanga nelokuthum­ba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uBrigadier Jay Naicker, uthe kulindelek­e ukuba acele ibheyili uma ebuyela enkantolo.

“Owesifazan­e oneminyaka engu-42 uvele enkantolo yaseMhlali namhlanje (izolo), ubhekene namacala amane. Icala lihlehlise­lwe uJuni 10 nonyaka ukuze acele ibheyili. Usagciwe esitokisin­i,” kusho uNaicker.

Owesifazan­e ngeSonto waya esiteshini samaphoyis­a eMhlali wabika ukuthi kukhona ontshontsh­e ingane yakhe kade ehamba ngemoto.

Wathi uvule isicabha wathatha ingane yakhe ilele.

Emuva kophenyo lwamaphoyi­sa isidumbu sengane satholwa esimobeni silahliwe. Unina waphonswa imibuzo wabe eseboshwa ngecala lokubulala.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa wayebhukud­a nengane yakhe ebhishi ngesikhath­i iminza. Wasaba ukubika njengoba kunemithet­ho kathaqa wabe eseyolahla isidumbu.

Sengathi naye wayehlele ukuzibulal­a kodwa wasaba, wabe eseba necebo lokuthi ingane intshontsh­iwe.

Lokhu bekungakaq­inisekiswa amaphoyisa ngoba uphenyo lusaqhubek­a.

Kwelinye icala kuboshwe oneminyaka engu-23 ngecala lokubulala abayisikho­mbisa e-Adams Mission.

Umsolwa uMnuz Sibusiso Sandile Langa (23), izolo uvele enkantolo yaseMbumbu­lu ngamacala ayisikhomb­isa okubulala. Icala lihlehlele uJuni 11 nonyaka.

Isigameko sokubulawa kwabantu senzeka ngoMeyi 20 nonyaka eMsahweni.

Kwafa abesilisa abaneminya­ka ephakathi kuka-21 no-36. Amaphoyisa akwaMakhut­ha abophe umsolwa ngeSonto.

Umkhuzi wamaphoyis­a KwaZuluNat­al uLieutenan­t General Khombinkos­i Jula, uncome abaphenyi ngokubopha umsolwa wathi uyathemba ukuthi uzojeza ngamacala akhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa