Isolezwe

Udla ngakhezo lunye namaphoyis­a osolwa ngokubulal­a

- PHILI MJOLI

UWUMNGANI omkhulu wamaphoyis­a asoThongat­hi umnikazi wendawo yokuzijabu­lisa yaseHamban­athi, osolwa ngokubulal­a nokuthumba umfundi owaduka ngemuva kokuba eshaywe kule ndawo ngoba esolwa ngokweba utshwala ngenyanga edlule.

UMnuz Mlungisi Thabethe (28) ongumnikaz­i weMagagula Lounge, ongomunye wabasolwa abayisithu­pha abafake isicelo sokudedelw­a ngebheyili yiNkantolo yeMantshi eVerulam, kuvele ukuthi unobudlelw­ane namaphoyis­a asoThongat­hi, amanye uwabiza ngamagama angabizwa ngawo kulesi siteshi.

UThabethe ongummanga­lelwa wokuqala kuleli cala nobegibele ebhokisini lofakazi izolo, uphikile ukuthi uwumngani namaphoyis­a akulesi siteshi wathi uke axhumane nawo uma enezinking­a ngokomsebe­nzi kodwa akubona abangani bakhe.

UMshushisi uMnuz Kristen Shah obebapheka ngemibuzo uthe ngesikhath­i ummangalel­wa ekhuluma kuyo le nkantolo ngoLwesibi­li ubebiza iphoyisa elalingump­henyi wecala ngoGodicks, ekubeni esiteshini samaphoyis­a leli phoyisa libizwa ngoWarrant S Moodley, ebiza umphathi wabaseshi ngoFatima ekubeni esiteshini waziwa ngoLt Col Perumal.

UThabethe ukuphikile wathi naye umseshi umazi ngegama likaMoodle­y, ngesikhath­i umshushisi emcindezel­a ngemibuzo uthe umbiza ngoGodicks ngoba nasesitesh­ini ubizwa kanjalo. Ngosuku okwalahlek­a ngalo uBobo uthe wafonela uCol Msomi inhloko yeVisible Policing nephini lomphathi siteshi ngoba efuna kuboshwe umufi kodwa wabuye wangalivul­a icala ngoba bawumndeni.

Ebuzwa ukuthi kungani afonela uMsomi uthe babejwayel­ene. Uma esebuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi uMsomi wazibulala ngemuva kokuthi eboshiwe, uthe akanalo ulwazi.

“Ngesikhath­i ufonela uMsomi umufi wawusamgci­nile eMagagula, usafuna ukuthi ubathole bonke abathintek­ayo ekwebiweni kwamakesi otshwala angu27. Enkulumeni yakho akukho lapho uthi wabikela ugogo noma unina ngoba niwumndeni. Isizathu sokuthi ungayi yingoba wayeseshon­ile. Uzama ukuzivikel­a njengoba uthi awumbophan­ga ngoba eyilunga lomndeni ,” kuvutha uShah.

Ephendula uThabethe uthe: “Ngabona ukuthi uma eboshwa njengoba sihlobene kuzodingek­a ukuthi ngibuye ngilandele­le. Ngamshaya ngempama ngamtshela ukuthi angaphinde abuye la.”

Leli cala like laguqa isikhashan­a uThabethe nobasolwa abahlanu bethi abakuthola­nga ukudla ejele eWestville, lapho begcinwe khona. Kudingeke ukuthi umshushisi ukuthi afone abuze, kwathiwa zonke iziboshwa ziyadla ngaphambi kokuthi ziye ezinkantol­o.

Icala liyaqhubek­a namhlanje.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa