Isolezwe

Ushayiswe yibhasi washona ewela umgwaqo

- NONTUTHUKO NGUBANE

OWESIFAZAN­E (47) ushayiswe yibhasi wafa ezama ukuwela umgwaqo uMngeni eThekwini, izolo ekuseni.

Kuthiwa ubenganaki­le ewela umgwaqo ngesikhath­i kuqhamuka ibhasi yaseKZN Metro Bus yamshayisa. Ufele khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al,

uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso.

“Amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso. Ngokopheny­o olusenziwe ngabo-7 ekuseni, owesifazan­e oneminyaka engu47 ushayiswe yibhasi ezama ukuwela umgwaqo eMngeni ngasesites­hini sesitimela,” kusho uCapt Gwala.

Kuthiwa ingozi iholele ekuthini kube nesiminyam­inya sezimoto emgwaqweni kusalindwe imoto yezidumbu.

Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele izolo njengoba bekusalind­we abomndeni wakhe ukuba bezokhomba isidumbu ngokusemth­ethweni.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY ?? KUNGESIKHA­THI sesigoqwe ngocwazi isidumbu sowesifaza­ne oshone emuva kokushayis­wa yibhasi ethi uwela umgwago
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY KUNGESIKHA­THI sesigoqwe ngocwazi isidumbu sowesifaza­ne oshone emuva kokushayis­wa yibhasi ethi uwela umgwago

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa