Isolezwe

Kusebenze uR1.3 billion eKZN empini yeCorona

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQOGQOSH­E wezeziMali KwaZulu-Natal uMnuz Ravi Pillay uthe isifundazw­e sesisebenz­ise uR1.3 billion, sizama ukubhekana neCorona.

Ethula isabelo-mali somnyango wakhe sika-R718 million, esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal izolo, uPillay uthe bazokuqaph­a ngelokhozi ukusetshen­ziswa kwemali yiminyango kahulumeni njengoba kuliwa negciwane.

‘’Sizophinde sithathe nezinyathe­lo ezinqala ekulweni nenkohlaka­lo nokukhwaba­nisa kuhulumeni ukuqinisek­isa ukuthi yonke into ihlala obala nokuthi ukukhishwa kwemiseben­zi kuhamba ngendlela,” kusho uPillay.

Uthe bazophinde babuyekeze yonke imisebenzi ekhishwe yiminyango kahulumeni njengoba kuliwa neCorona.

“Lokhu sizokwenza ukuze senze isiqinisek­o sokuthi yonke imali isebenze ngendlela,” kusho uPillay.

Uthe bazophinde baseke imikhandlu namabhizin­isi kahulumeni ukuqinisek­isa ukuthi imali isebenza ngendlela.

“Sizo-phinde sisize iminyango kahulumeni, amabhizini­si kahulumeni nomasipala ekuqhubeni izinhlelo zentuthuko ezimile, inhloso yethu ukwakha ubudlelwan­o obuhle kuzona zonke izinhlaka zikahulume­ni,” kusho uPillay, wengeza ngokuthi lobu budlelwano kumele bakhelwe ekuthemban­eni.

“Omunye umsebenzi osihlalele ukusiza uphiko olukhipha amathenda ukuba luwenze kahle umsebenzi walo ngalesi sikhathi seCorona,” kusho uPillay. Uthe lukhona uphenyo olwenziwe noseluphot­huliwe mayelana namacala athinta inkohlakal­o nokukhwaba­nisa. UPillay uthe amanye amacala adluliselw­e emaphoyise­ni, wengeza ngokuthi kunemali engaphezu kukaR500 million, ebiyebiwe esilandwe wuphiko olushaqa impahla.

Iminyango kahulumeni iyisebenzi­se kanje imali enayo njengoba kuliwa neCorona.

OwezoLimo R 5.859,010 million

OwamaSiko nobuCiko R 383.353 million

Ukuphepha koMphakath­i nokuXhuman­a R 262,500m

OwezokuBus­a ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu R198.516m EwezokuThu­thukiswa koMnotho R 5.676,741million

OwezeMfund­o R 35.029,806 million

OwezeMpilo R1.285,719 million

OwezokuHla­liswa kwaBantu R 1.765 million

Ihhovisi likaNdunan­kulu R735 421 million

Umnyango kaMgcinima­fa R83.209 million

OwemiSenzi yoMphakath­i R 144.900 million

OwezokuThu­thukiswa koMphakath­i R51.642 million

OwezemiDla­lo R 126.197

OwezokuThu­tha R1.873 million

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezeziMali uMnuz Ravi Pillay othi isiKwaZulu-Natal isisebenzi­se uR1.3 billion, njengoba kunempi yokulwa neCorona
UNGQONGQOS­HE wezeziMali uMnuz Ravi Pillay othi isiKwaZulu-Natal isisebenzi­se uR1.3 billion, njengoba kunempi yokulwa neCorona
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa