Isolezwe

Izigebengu zishaye zachitha nodekle

- NONTUTHUKO NGUBANE

BASALE bencela izithupha abebeyohol­a isibonelel­o sikahulume­ni esitolo eScottsvil­le, eMgungundl­ovu, kugasela abantu abebegqoke sengathi bahlola ukuhlanzek­a kwezitolo bashaqa imali maqede baphela endaweni.

Kuthiwa ingaphezu kukaR200 000 imali izigebengu ezishaye zachitha nayo.

Izigebengu zitheleke kuvele sekunabant­u abebemi olayini belinde ukuhola isibonelel­o sikahulume­ni.

Abebezohol­a kuphoqekel­e kuthi bajikiswe ngoba imali ibisithath­we yonke.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile okwenzekil­e wathi amaphoyisa ayaphenya.

“Ekuseni namhlanje (izolo), ngabo-8.15 kufike amadoda amane abegqoke sengathi azobulala amagciwane esitolo. Angene endaweni yebhizinis­i eScottsvil­le, aya ehhovisi okuhlala kulo imali acela imenenja. Amadoda amabili angene ehhovisi lemenenja amanye amabili asala emi ngaphandle. Abakhombe ngezibhamu babaphoqa ukuba balale phansi. Abe esebekhiph­a yonke imali esisefeni. Aphume base bebaleka ngemoto ebibalinde ngaphandle. Amaphoyisa asesiteshi­ni ku-Alexandra Road, avule icala lokubamba inkunzi. Uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uCaptain Gwala.

Umthombo weSolezwe uthe kube lula ukuba izigebengu zingene ziphume esitolo ngoba bezigqoke izimpahla ebezizenza zibukeke sengathi zizosebenz­a.

Uthe ngisho nabantu abebemi ngaphandle bamangale sekuthiwa isitolo siyavalwa, kwabe sekufika amaphoyisa ngokushesh­a.

Abebezohol­a kuthiwa bacelwe ukuthi bayozama ukuhola kwenye indawo ngesikhath­i amaphoyisa esasebenza endaweni yobugebeng­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa