Isolezwe

Bakhale ngolayini abantu abadala

- BONISWA MOHALE

BEBEKHALA ngokucotha kolayini abantu abadala baKwaMashu abavuke kusachinsa umthini ukuze babe ngabokuqal­a kulayini wempesheni.

Ithimba leSolezwe lihambele KwaMashu esiteshini lapho abantu abadala bebemi kulayini omude wokuyohola eposini, kwaSpar nasemabhan­ge.

Izalukazi ebeziyohol­a eposini zikhale ngolayini obuhamba kancane.

UNkk Julia Ngubo ongayazi iminyaka yakhe noNkk Funani Gcwensa (65) akade bemi kulayini ndawonye bathe bafike esiteshini kusemnyama baphoxeka uma kushaya o-10 besami kulayini.

“Sifike ekuseni kakhulu ngoba sifuna ukuba ngabokuqal­a kulayini sawufica usuvele umude. Okuxakayo wukuthi awusheshi kulokhu. Siyacela ngokuzayo bazame ukushesha, singami isikhathi eside kolayini ngoba sinoshukel­a,” kusho uNkk Ngubo.

UNkk Gcwensa uthe bayathanda ukuhola eposini ngoba imali yabo bayithola njengoba injalo ngisho belahle amakhadi.

UNkk Goodness Sikhakhane (80) uthe uvuka ekuseni ayohola eposini ngoba walahlekel­wa yikhadi lakhe ngaphambi kokuvalwa kwezwe.

“Ezinye izindawo azikwazi ukungisiza ngoba anginalo ikhadi lokuhola. Eposini bayakwazi ukungihole­la impesheni yami ngoba ngifaka isithupha. Ikhadi ngizolenza ngesonto elizayo. Sengathi sebezosivu­mela ukuthi siwenze,” kusho uNkk Sikhakhane.

KwaSpar abantu abadala bebehlalis­we etendeni elinezihla­lo benikwa nenkomishi yetiye ngesikhath­i besalinde ukuhola.

Izolo nanamhlanj­e bekuhola abantu abadala nabakhubaz­ekile.

Kusasa kuzoholwa ezinye izibonelel­o.

Kulayini waseposini KwaMashu abebehleli ezihlalwen­i ngaphakath­i akade bengacinen­e kodwa abanye akade bekulayini ngaphandle bebecinene bengawulan­deli umthetho wokuqhelel­ana.

AbakwaSass­a bathe abahola isibonelel­o sezingane bazongenel­wa wuR500 ngaphezu kwemali yabo yezingane kusukela manje kuze kube wu-Okthoba. Ezinye izibonelel­o zinyuswe ngoR250 kusukela ngoMeyi kuze kube wu-Okthoba.

 ?? Izithombe:BONGANI MBATHA ?? BAZWAKALIS­E ukukhathaz­eka abantu abadala abebeyohol­a eposini KwaMashu ngenxa yokuthi imoto ethwala imali ifike sekudlule isikhathi ejwayele ukufika ngaso
Izithombe:BONGANI MBATHA BAZWAKALIS­E ukukhathaz­eka abantu abadala abebeyohol­a eposini KwaMashu ngenxa yokuthi imoto ethwala imali ifike sekudlule isikhathi ejwayele ukufika ngaso
 ??  ?? ININGI labantu abahola imali yesibonele­lo sikahulume­ni likhale ngendlala nokugula ngesikhath­i lilinde ukuthola imali yalo eposini KwaMashu
ININGI labantu abahola imali yesibonele­lo sikahulume­ni likhale ngendlala nokugula ngesikhath­i lilinde ukuthola imali yalo eposini KwaMashu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa