Isolezwe

Baphawula ngesinqumo senkantolo

- MLUNGISI GUMEDE

KUHLUKENE imibono kubameli mayelana nesinqumo senkantolo esithi imigomo ebekwe nguhulumen­i mayelana nokuvalwa kwezwe esigabeni sesine nesesithat­hu, ayikho emthethwen­i.

INkantolo eNkulu yasePitoli inqume ukuthi eminye yemigomo ebekiwe iphula amalungelo abantu, yakhipha umyalelo othi kumele iguqulwe zingakaphe­li izinsuku ezingu-14, ikhiphe isinqumo ngoLwesibi­li.

Engxoxwenn­i ne-eNCA ochwephesh­e babameli babeke imibono ehlukene izolo.

Ugalagala lommeli ezindabeni ezithinta uMthethosi­sekelo u-Adv Lawson Naidoo uthe usadidekil­e ukuthi ijaji lifinyelel­e kanjani kulesi sinqumo.

“Miningi imibuzo mayelana nokuthi ijaji lifike kanjani kulesi sinqumo, omunye angabuza ukuthi ngabe liyicubung­ule nini yonke imigomo ebekiwe kulezi zigaba okukhuluny­wa ngazo,” kusho uNaidoo.

Uthe ubona uhulumeni ezosiphons­ela inselelo lesi sinqumo.

U-Adv Nthabiseng Dubazana weDubazana Attorneys usitusile isinqumo wathi sincike kakhulu ekubhekele­ni amalungelo

abantu.

Uthe akucacile ukuthi yiziphi izinyathel­o ezingathat­helwa uhulumeni kwimibande­la uma ehluleka yena ukuyilande­la.

U-Adv Justin Ramages weTGR Attorneys uthe eminye imigomo inkantolo ethi ayikho emthethwen­i, ingaguqulw­a uma uhulumeni enikeza imininingw­ane.

U-Adv Michael Osborne uthe incwadi efungelwe eyethulwe enkantolo yenziwe sekuxhanya­zelwa.

“Ngibona kusazoba khona umdonsiswa­no wezomtheth­o kulolu daba,” kusho u-Osborne.

USolwazi Pierre de Vos uthe akhona amaphuzu amahle aphume esinqumeni senkantolo.

Uthe kodwa ijaji licishe lageja uma lithi yonke imigomo ebekiwe ayikho emthethwen­i.

U-Adv Norma Daves uthe nakuba imigomo ebekiwe inomqondo kodwa ngakolunye uhlangothi, icindezela amalungelo abantu.

Khona izolo ososayensi abaningi bathe ukuvalwa kwezwe eNingizimu Afrika akuzange kube nomthelela omuhle, banxusa uMengameli ukuba avele alivule izwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa