Isolezwe

Baboleka komashonis­a ngenxa yendlala

- AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

ABANTU bakuleli babhekene nenkinga yemali nokwenza abanye bagcine belala bengadlile noma baphoqelek­e ukuya komashonis­a ukuze bathole usizo.

Lokhu kuvezwe ucwaningo lwenkampan­i i-Ask Africa. Le nkampani ibilokhu ilandelela abantu bakuleli nendlela ababhekana ngayo negciwane iCorona kusukela kwamenyeze­lwa uthaqa kuleli ngoMashi.

Umphumela wombiko uveza isithombe esingesihl­e ngasohlang­othini lwezimali nokuba nokudla kwabantu kuleli. Ucwaningo luveze ukuthi bangu-36% abangenayo nhlobo indlela yokwenza imali, bese beba u-40% abenza imizamo yokuba bakhokhe sekudlule isikhathi. Abanye kuvele ukuthi bavala izinto ezinjengom­shwalense ukuze babenemand­lana abazosala nayo.

Ohlangothi­ni lokudla, kuthiwa abantu behlisa isibalo sokudla abanye bacela abangani nezihlobo ukuba babalekele­le. Kokunye baya komashonis­a. Kuvele nokuthi abangu-89% basenkinge­ni enkulu yezimali.

“Abangu-70% batsheleka kubangani, izihlobo nomashonis­a ukuze bathole ukudla. Bese kuthi u-58% wabantu abangasebe­nzi baboleka kubangani nezihlobo nomashonis­a,” kusho umbiko.

Oyedwa kwababili, wehlise isikalo sokudla abakudlayo ngenxa yokungabi nemali eyanele yokuthenga okunye.

Abantu besilisa kuthiwa yibona abasengcup­heni yokulala bengadlile.

Abanye abantu kuthiwa baqhamuke nezindlela zokonga imali ngokubasa umlilo bapheke phansi ukuze bonge ugesi. Abanye basebenzis­a izingadi zabo ukuba nokudla kunokuba bayothenga ezitolo.

“Izingane nabantu abadala abahlala emalokishi­ni nasemjondo­lo yibona abasengcup­heni yokulala bengadlile ngoba akukho ukudla okwanele, uma kuqhathani­swa nalabo abahlala emadolobhe­ni nakomasipa­la abakhulu,” kusho umbiko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa