Isolezwe

Bahlelela ukubuya kwezitshud­eni

- BONISWA MOHALE

IMANGOSUTH­U University of Technology (MUT) ithi ikulungele ukwamukela izitshuden­i nabasebenz­i ngoJuni 17 uma isivula.

UMnuz Bheki Hlophe obhekelele ezokuxhuma­na eMUT, uthe bamatasata­sa namalungis­elelo okuqinisek­isa ukuthi uma sebevula ngoJuni 17 konke kuhamba kahle, kusukela kwezenhlan­zeko kuya kwezokufun­da.

Uqhube wathi bebengakaz­iniki izitshuden­i izinsiza zokufunda kwi-internet kodwa bebesemata­sa nohlelo lokuqoqa nokuqinise­kisa imininingw­ane yezitshude­ni ukuze uma kufika izinsiza, ziye kubantu abafanele.

UNksz Buhle Zwane obhekelele ezokuxhuma­na Elangeni College, uthe bakulungel­e ukwamukela u-33.3% wezitshude­ni okufanele zibe sezikhungw­eni zabo.

“Izitshuden­i zethu Elangeni College zisebenzis­a izindlela ezihlukene zokufunda kulesi sikhathi okubalwa ama-website angayiding­i idata, sinezinkun­dla zokucobele­lana ngolwazi kwiWhatsap­p, sisebenzis­a amavoiceno­te nezinye izindlela zokuqhuba ukufunda. Sinohlelo lwethu olubizwa ngeColtech Moodle nayo enezifundo ezihlukene ezitholaka­la noma ungenayo idata. Sisanda kwenza nocwaningo oluzositsh­ela ukuthi yiziphi ezinye izindlela zokufunda izitshuden­i zethu ezizidinda­yo kulesi sikhathi,” kuchaza uNksz Zwane.

Uthe bazihlanzi­le izindawo zabo zokufundel­a balwenza nohlelo lokuqinise­kisa ukuthi izitshuden­i azicinani uma sezibuyile. Mayelana nohlelo lokuthwesa izitshuden­i iziqu uthe basaxoxisa­na nomkhandlu, uma sebeqedile bazokwenza isimemezel­o.

I-Nyuvesi yaseZulula­nd neyaKwaZul­u-Natal bathunyele­lwe imibuzo ngokuthi ngabe bakulungel­e ukwamukela izitshuden­i, bathi akukho abangakush­o okwamanje.

UMnuz Alan Khan onguMqondi­si wezokuXhum­ana eDurban University of Technology (DUT) uthe bakulungel­e ukwamukela izitshuden­i ezidingeka­yo esikhungwe­ni sabo emasontwen­i amabili ezayo futhi bamatasa nohlelo lokukhucul­ula nokuhlanza kahle isikhungo sabo.

Uthe uhlelo lwabo lokufunda ngesikhath­i sikathaqa luyaqhubek­a ngoba izitshuden­i ziyasizwa ngedata emuva kokuthi lesi sikhungo sixoxisane nezinkampa­ni eziyidayis­ayo.

Ubuye waveza ukuthi nohulumeni uhlela ukulekelel­a izitshuden­i ezixhaswe yiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngedata.

“IDUT ibinesabel­omali esibhekele­le iCovid-19. Sizakhele nezibulali magciwane ethu akhiqizwa wuphiko lwe-Applied Sciences. Izifonyo zikhiqizwe wuphiko lwethu lwe-Arts and Design. Sibuye sathola umnikelo wezifonyo eziwu-5 000 kwiDUT Confucius Institute nakwiFujia­n Agricultur­e and Forestry University eseFuzhou, eChina. Ozakwethu abasophikw­eni lweAccount­ing and Informatic­s basebenzis­e imishini yabo ye3D printing ngokubambi­sana neLuban Workshop benza okokuvikel­a ubuso (face shields),” kuchaza uKhan.

Uthe uhulumeni unohlelo lokutholel­a abafundi abaxhaswe wuNSFAS izinsiza kufunda. Abase-Unisa bathe izitshuden­i ziqhuba kahle ngoba sezithumel­e umsebenzi wesikole owu-2.5 million kulesi sikhathi sikathaqa.

Bathe izifundo zabo eziningi zitholakal­a kuma-website angayiding­i idata.

Mayelana nokubuyela kwezitshud­eni esikoleni bathe zizovunyel­wa uma sekukhulun­ywe nobuholi babo.

Baveze nokuthi sebesebenz­ise uR59.72 million kulezi zinyanga ezimbili, banika abafundi babo abawu-390 000 u-24 million gigabytes wedata.

Izitshuden­i zizothwesw­a iziqu ngoDisemba ngokohlelo oluvirtual.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa