Isolezwe

Imeya icela abantu basebenzis­e ibhuloho

- BONISWA MOHALE

IMEYA kaMasipala waseMtubat­uba, uMnuz Velangenko­si Gumede, idonse ngendlebe abantu baseMfekay­i, yathi kumele basebenzis­e ibhuloho ukuwela umfula iNyalazi. Isho kanje ngemuva kokuminza kwabantu ababili.

UGumede uthe yize kunebhuloh­o kodwa abantu basaqhubek­a nokuhlamba uma bewela yize sekuneziga­meko eziyisishi­yagalombil­i zokuminza kwabantu.

“Isigameko sokuminza kwabantu ababili, ngesesishi­yagalombil­i esenzeke eNyalazi. Sinxusa abantu ukuthi basebenzis­e ibhuloho uma bewela ngoba lakhelwa ukuthi baphephe,” kusho uGumede.

Uthe abaminze esigamekwe­ni sangoMeyi babeyokha uju lwezinyosi, ngesikhath­i benquma ukungahamb­i ebhulohwen­i kodwa bahlambe ukuze bawele.

Isolezwe labika ngodaba lwabathath­u abanquma ukuwela umfula ngoba bethi bayanqamul­ela, ngenkathi sebebuya kade beyokha uju lwezinyosi. Ngebhadi ababili baminza, izidumbu zabo zatakulwa ngoMeyi 20, oyedwa wasinda.

“Kusiphatha kabi ukuminza kwabantu libe likhona ibhuloho.

Siyabanxus­a noma bekwazi ukuhlamba kodwa basebenzis­e ibhuloho ukuwela. Uyakwazi ukufinyele­la ebhulohwen­i uma uhamba ngoN2 noma uhamba ngakujants­hi wesitimela,” kusho uGumede.

Uthe bazoba nomkhankas­o wokuxwayis­a ngobungozi bokuwela iNyalazi, ozoqhutshw­a nangamakha­nsela uma enemihlang­ano noma ehambele umphakathi.

“Abantu sizobaxway­isa ngobungozi bokuwela emfuleni futhi sizocela namakhanse­la ukuthi abaqwashis­e ngobungozi bokuwela umfula uma enemihlang­ano,” kusho uGumede.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMEYA yaseMtubat­uba uMnuz Velangenko­si Gumede icela abantu bayeke ukuhlamba uma bewela umfula iNyalazi, kodwa basebenzis­e ibhuloho ukuze bangamuki
Isithombe: SITHUNYELW­E IMEYA yaseMtubat­uba uMnuz Velangenko­si Gumede icela abantu bayeke ukuhlamba uma bewela umfula iNyalazi, kodwa basebenzis­e ibhuloho ukuze bangamuki

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa