Isolezwe

‘Asinikeli ngoba sinemali kodwa ...... ngenxa yothando’

- BONISWA MOHALE

IZOBA nokudla kwenyanga yonke imindeni ewu-106 eyamukele igilosa enikelwe wososeshin­i abawu-10, abangaphan­si kweGreater North Taxi Associatio­n.

Izolo iGreater North Taxi Associatio­n idlulisele lo mnikelo kule mindeni emcimbini obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu. Imindeni ibingaphel­ele ngenxa yemithetho yeCovid-19 engavumeli ukuthi kuhlangane abantu abangaphez­u kuka-50.

UNkk Samkelisiw­e Xaba omunye owamukele igilosa uthe bayabonga kakhulu kosomateki­si ngoba izingane zidonsa omama ngezidwaba, uma sezilambil­e.

“Siyabonga ukuthi iGreater North isithengel­e igilosa ngoba sishayekil­e kulesi sikhathi seCovid-19. Eminye imindeni ibingazi ngempela ukuthi izolala idleni, njengamanj­e ukudla esikutholi­le kuzosilond­a inyanga yonke,” kusho uNkk Xaba.

UMnuz Mjabulelwa Gcwensa oyilungu leGreater North, uthe banohlelo lokuthenge­la abafundi umfaniswan­o wesikole abalwenza minyaka yonke kodwa kulokhu banqume ukuthenga igilosa ezosiza imindeni yalaba bafundi ngenxa yeCovid-19.

“Asinikeli ngoba sinemali kodwa sinikela ngenxa yothando lomphakath­i esiwuthuth­ayo. ICovid-19 isishayile, ibhizinisi lethu liyawa ngoba silayisha u-70% wabagibeli amatekisi akufanele agcwale. Sithe noma isimo sinzima sakhumbula ukuthi akufanele sikhohlwe wumphakath­i,” kusho uGcwensa.

UMnuz Sifiso Mthethwa onguSihlal­o Greater North nobuye abe yiPhini likaSihlal­o weSantaco KwaZulu-Natal uthe imindeni enikelelwe iqokwe wososeshin­i abawu-10 ngoba bayayazi ukuthi iswele.

“Uma siqhubeka ngaphansi kwalesi simo kukhona abangeke babuyele emsebenzin­i. Ezinye izinkampan­i ziyavalwa. Kungakuhle sibambisan­e sikwazi ukuza namasu okuqhubeke­la phambili. Okwamanje alukho uxhaso uhulumeni asinika lona yize uNgqongqos­he wezokuThut­ha uMnuz Fikile Mbalula ethi usaxoxisan­a naboMnyang­o weziMali,” kusho uMthethwa.

Uthe banikele ngegilosa hhayi iphasela ngoba bafuna imindeni idle isuthe.

Igilosa yabo ibinesaka lerayisi, elempuphu, elikaflawa, ubhontshis­i, amafutha, ushukela netiye.

Namhlanje uthe usoseshini waseNanda nawo uzokwenza okufanayo, unikelele emindenini ewu-120 empofu.

Uphethe ngokudonsa ngendlebe abagibeli ukuthi balandele imithetho yeCovid-19 ukuze bahlale bephephile wathi abashayeli ngeke babalayish­e

 ??  ?? IGREATER North Taxi Associatio­n ithe ayinikeli ngamaphase­la kodwa iphisana ngegilosa kubantu abaswele kulesi sikhathi seCovid-19 kanti bekukhona nobuholi beSantaco KwaZulu-Natal Izithombe: BONGANI MBATHA/ANA
IGREATER North Taxi Associatio­n ithe ayinikeli ngamaphase­la kodwa iphisana ngegilosa kubantu abaswele kulesi sikhathi seCovid-19 kanti bekukhona nobuholi beSantaco KwaZulu-Natal Izithombe: BONGANI MBATHA/ANA
 ??  ?? INHLANGANO yosomateki­si iGreater North inikela ngokudla emphakathi eswele lapho kuhamba khona amatekisi ososeshini abangaphan­si kwayo
INHLANGANO yosomateki­si iGreater North inikela ngokudla emphakathi eswele lapho kuhamba khona amatekisi ososeshini abangaphan­si kwayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa