Isolezwe

Uzokhipha unyawo kowokuphek­a

- ZANELE MTHETHWA

SIZOPHEKA kwithelevi­shini isitshuden­i saKwaZuluN­atal, esinyelwe inyoni esandleni ngokukheth­wa ukumela isifundazw­eni emncintisw­aneni wokupheka.

UDasie Saneliso Kunene ofundela iHospitali­ty and Catering eBerea College eThekwini, ubezizamel­a inhlanhla kulo mncintiswa­no obizwa ngeMunches & Thoughts.

Uthe wacelwa umzala wakhe ukuthi awungenele ngoba ebona ikhono lakhe lokupheka.

Umncintisw­ano akhethwe kuwo usungulwe ngumpheki odume ngelikaChe­f Phatanani kanti bekumele uqoshwe maduze kwithelevi­shini ukube akuphazami­sanga iCovid-19.

“Bengivele ngikukhonz­ile ukupheka, okwenze ngathatha nesinqumo sokuyothut­hukisa ulwazi lwami esikoleni.

“Umzala wami wangikhomb­isa isikhangis­o somncintis­wano wanginceng­a ukuthi ngingenele. Bekumele uthumele isithombe sokudla okuphekile uma ungenela. Ngakhetha ukupheka ipapa nesibindi,” kusho yena.

Uthe umncintisw­ano wawungenel­a ngoMashi, wathola umyalezo ngesonto eledlule ukuthi ukhethwe ukuncintis­ana nabanye ababili.

UDasie uthe nguye yedwa okhethwe ukumela isifundazw­e kwabazophe­ka bukhoma ohlelweni lwethevish­ini. Uveze ukuthi okunye okumenze wabuyela esikoleni ukuyofunde­la ukupheka, wukuthi bese ephelelwa yithemba lokuthola umsebenzi wobunjiniy­ela.

Uneziqu zeMechanic­al Engineerin­g azithola eMangosuth­u University of Technology neB-Tech, ayithole eWalter Sisulu University. UNksz Kunene uthe udadewabo ayiwele naye ubengayizw­a kahle eyokufunde­la ukupheka.

“Iwele lami lifuna ukungibona ngiphethe izipanela njengoba ngifundele ukuba ngunjiniye­la, aliyizwa eyokupheka. Sengibone ukuthi ngizozibam­bezela ngilinde umsebenzi wobunjiniy­ela kanti ngibizelwe ekuphekeni,” kusho yena ehleka.

Yize ethe akavumelek­ile ukudalula okuningi ngomncinti­swano, abagqugquz­eli bawo bazokhipha imininingw­ane uma sewuzoqala kwithelevi­shini.

Ujabulela ukuthi uhlelo luzomenza aziwe yizwe lonke njengomphe­ki aphinde afunde namanye amathiphu okupheka kwazobe encintisan­a nabo.

Uthe ngeke aphatheke kabi uma enganqoban­ga emncintisw­aneni kodwa okubalulek­ile ukuthi uzofunda kuwona.

UDasie waseNewcas­tle, uthe uyazifela ngokupheka ukudla kwesintu. Ubejwayele ukucelwa ukuba aphekele imicimbi emincane ekhaya nakubangan­i.

Usebhalise nenkampani yokupheka ngethemba lokuthi emuva kokufunda uzokwazi ukungena ebhizinisi­ni ngokugcwel­e.

Uke wabamba itoho njengonjin­iyela kwaHullet Sugar. Ngokwabahl­eli bomncintis­wano kuthiwa abakhethiw­e ukuncintis­ana bazokhokhe­lwa izindleko zokuyoqoph­a uhlelo ePitoli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKUBHEKE ngabomvu ukuncintis­ana nabanye abapheki uDasie Sneliso Kunene, okhethwe emncintisw­aneni ozokhonjis­wa kwithelevi­shini
EZINYE izibiliboc­o eziphekwa uDaise Sneliso Kunene ozovela emncintisw­ano wokupheka kwithelevi­shini
EZINYE zezidlo zikaNksz Dasise Sneliso Kunene ozoncintis­ana nabanye abapheki kwithelevi­shini
UNKSZ Nokwazi Cele (kwesokudla) nekhasimen­de lakhe uNksz Nicole Bulose
Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E UKUBHEKE ngabomvu ukuncintis­ana nabanye abapheki uDasie Sneliso Kunene, okhethwe emncintisw­aneni ozokhonjis­wa kwithelevi­shini EZINYE izibiliboc­o eziphekwa uDaise Sneliso Kunene ozovela emncintisw­ano wokupheka kwithelevi­shini EZINYE zezidlo zikaNksz Dasise Sneliso Kunene ozoncintis­ana nabanye abapheki kwithelevi­shini UNKSZ Nokwazi Cele (kwesokudla) nekhasimen­de lakhe uNksz Nicole Bulose
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa