Isolezwe

Basukumele phezulu kuxegiswa umthetho

- ZANELE MTHETHWA

ABESIFAZAN­E abasebhizi­nisini lokudla bazithuntu­the beshesha izitsha zabo ebesizilel­e uthuli emuva kwesimemez­elo sokuxegisa umthetho womvalelan­dlini.

Kubuye inhlasi yethemba ngesikhath­i uMengameli Cyril Ramaphosa ememezela ukuthi abamabhizi­nisi okudla sebengawat­humelela ukudla amakhasime­nde.

UNksz Fikile Xaba ongumpheki nomnikazi wendawo yokudla iMafifi Leaflet Restaurant & Bara eJozini, uthe ikati bese lilele eziko. Ushayeke kabili ngesikhath­i kuqala imithetho yomvalelan­dlini ngoba indawo yakhe idayisa notshwala.

Yize eseqalile ukuhambise­la amakhasime­nde afaka ama-oda kodwa isenkulu inselelo.

“Akulula ukuhambise­la abantu ukudla emakhaya, kungcono labo abasemadol­obheni.

“Ngisendawe­ni enezinga eliphezulu lokwebiwa kwezimoto, okwenza ngisabe ukuhambisa ukudla.

“Ngenxa yokuthi yisemakhay­a abanye abantu abasebenzi intengo yokudla iphansi. Lokho kuchaza ukuthi kudla iphakethe ukuhambise­la amakhasime­nde,” kusho uNksz Xaba.

Uthe uzoqhubeka nebhizinis­i noma kunzima ukwenzela ukuthi amakhasime­nde angamkhohl­wa.

UNksz Thabi Kweyama weThabi’s House Cakes, Events & Catering eHammarsda­le, uthe ubesephuth­we yinqwaba yama-oda kwabafuna amakhekhe emicimbi yokuzalwa.

“Kube nzima ngoba ngesikhath­i kumenyezel­wa imigomo kathaqa bengingena­zo izithako ezenele endlini.

“Kuthe noma sekuxegisw­a imithetho, ezinye izitolo bezingenaz­o izithako esiziseben­zisa uma sibhaka. Nokho sengiqalil­e ukupheka nokubhaka, ngihambise­le amakhasime­nde.

“Inselelo enkulu wukuthi kuyizindle­ko ukuthutha ukudla. Kumele ucabange ezinye izindlela ukuze ungashayek­i ephakethen­i,” kusho uNksz Kweyama.

Uthe usenqume ukupheka okuyisikal­i esikhulu ukuze noma ethola ikhasimend­e angalimali kakhulu ephakethen­i.

UNksz Kweyama ubuye aphekele imicimbi nemishado, okwenze walimala kakhulu ngoba nayo imisiwe.

Uthe amanye amakhasime­nde abesekhokh­ile idiphozi, kwadingeka awabuyisel­e imali.

UNksz Nokwazi Cele weGee Gee’s Cakes eThekwini, uthe uthole amakhasime­nde amaningana ngempelaso­nto yeMother’s Day.

Ubesefile amakhasime­nde emkhalela efisa amakhekhe akhe kodwa evalelwe wumthetho.

Njengoba sebevunyel­we ukuhambisa ukudla, usenamakha­simende azokwenza emakhaya imicimbi yokuzalwa neyokugubh­a usuku lomshado.

“Kunzima kuleli bhizinisi kodwa ngixwayisa abanye ozakwethu ukuthi bazame ukungalahl­ekelwa amakhasime­nde ngenxa yalesi sikhathi esinzima.

“Kumele bazame ukusebenza ngalokhu abanakho, ngeke kufane nokungenzi lutho,” kusho uNksz Cele.

 ?? FACEBOOK Isithombe: ?? UKHALA ngenselelo yokuba semakhaya uNksz Fikile Xaba onendawo yokudla, osekudinge­ka ahambisele amakhasime­nde ukudla
FACEBOOK Isithombe: UKHALA ngenselelo yokuba semakhaya uNksz Fikile Xaba onendawo yokudla, osekudinge­ka ahambisele amakhasime­nde ukudla
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? KUDINGEKE azame ezinye izindlela zokubuyisa amakhasime­nde uNksz Thabi Kweyama ongumpheki nombhaki
Isithombe: FACEBOOK KUDINGEKE azame ezinye izindlela zokubuyisa amakhasime­nde uNksz Thabi Kweyama ongumpheki nombhaki

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa