Isolezwe

Iyohlala iseqhulwin­i inhlalakah­le yabahlwemp­u

-

KUYIQINISO elingephik­we ukuthi izwe lakithi libhekene nenkinga yokwentule­ka kwemali nokubhebhe­thekiswe wubhubhabh­ane lwegciwane, iCorona.

Yize bekunezimo ezibucayi, sihlabeke umxhwele ngomsebenz­i esesiwenzi­le ukwakha izinhlaka zokuthi abantu bakithi bangabi yizisulu zesifo iCovid-19.

Phela umasipala wethu, uyikhaya labantu abaningi abampofu, ngakho kubaluleki­le ukuthi ngaso sonke isikhathi ukuhluphek­a kwabo, kungabi ithikithi lokuya kwelamatho­ngo, njengoba lesifo singazibek­ile phansi. Sinenhlanh­la ngobuholi obuqotho obukhonjis­wa nguNdunank­ulu wesifundaz­we uKhuzeni Zikalala, ngokunjalo noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu SimelaneZu­lu, njengoba sibhekene nalesimo. Siyethemba ukuthi lezivunguv­ungu zizodlula nesimo sigcine sibuyele kwesijwaye­lekile, inqobo nje uma sonke siqhubeka sisebenza ngokubambi­sana.

Selokhu uMengameli (Cyril Ramaphosa) amamezela ukuvalwa kwezwe, njengabo bonke omasipala ezweni, iTheku nalo lishayeke kakhulu kwezezimal­i. Yehle ngezinga elimangali­sayo imali esiyiqoqil­e ngenxa yokuthi baningi abantu abebengase­benzi, kanti ngakolunye uhlangothi emaningi amabhizini­si abevalile. Ngeke isakhuluny­wa-ke eyemboni yezokuvaka­sha, nokuyiyona ekhahlamez­eke kakhulu ngaphansi kwalesi simo esingajway­elekile. Amahhotela avalile kanti itshe limi ngothi ezindaweni zokudlela. Lesi yisilonda esizothath­a isikhathi ukuthi siphole.

Yingakho esabelweni sezimali soMkhandlu waseThekwi­ni esiwuR49 billion, simemezele iziphakami­so zokufukula umnotho wethu okhahlamez­ekile.

Kusukela manje kuyaphambi­li kuzo zonke izinto ezizotheng­wa umasipala wethu, asihlehli ekutheni u-30% wazo, kumele kuhlomule abantu bakithi ababencish­we amathuba phambilini. Lapha sibala intsha, abesifazan­e, ngokunjalo nabaphila ngokukhuba­zeka. Ngaleli gxathu sikholelwa wukuthi sohamba ibanga elide ekunciphis­eni igebe phakathi kwabakhomb­a ngophakath­i nalabo abampofu. Okuyinsila kahulumeni wobandlulu­lo futhi okuyothath­a isikhathi ukuthi siyigeze.

Njengomasi­pala wabantu, ngaphambi kokuthi sethule lesi sabelo mali, savula ithuba lokuthi umphakathi ube nezwi. Sithe singayitho­la imibono yezakhamuz­i sayibheka nokuholele ekutheni sibuyekeze intengo yezidingo.

Phakathi kokunye intengo yokukhokhe­la izinto ezinjengog­esi, amanzi, ukuthuthwa kwendle nemali yentela yedolobha (rates). Sijabula kakhulu ukuthi sikwazile ukwehlisa intengo ukuze abantu bakithi bakwazi ukuphefumu­la, ngoba kuyabonaka­la ukuthi itshe limi ngothi.

Ngakho siyacela ukuthi umphakathi usamukele lesabelo mali bese sisebenza ngokubambi­sana ukucaba indlela eya phambili, nezokwenza ukuthi umasipala wethu akuthole kwehlela ukuthi usihlinzek­e ngezidingo ngqangi. Ngakho asikwenze kube yinjwayelo ukuthi sikhokhele ukulethwa kwezidingo esihlinzek­wa zona ikakhuluka­zi laba abasebenza­yo phakathi kwethu.

Phakathi kokunye, sikuvezile ukuthi ukulwa nobugebeng­u sizokusuku­mela ngazo zombili njengoba izindawo eziningi ngokweziba­lo zamaphoyis­a, zikhomba ukuthi ziyizizind­a zobugebeng­u.

Kumanje nje sengeze amaphoyisa ethu ngo-600 nokuzosile­kelela ekulweni nezigebeng­u zingabi nendawo ezizocanas­a kuyo. Sihlele ukuthi eminyakeni emibili ezayo abe ngu-800 amaphoyisa aqashiwe. Kulolu hlelo kuyohlomul­a intsha yethu, sonke esaziyo ukuthi ithwele kanzima ngenxa yokuswela imisebenzi. Siyethemba futhi ukuthi izosebenza ngokuzinik­ela ukugcina imiphakath­i yethu iphephile.

Asibe amanxusa okulwisana nokwebiwa kwezinto ezinjengam­anzi nogesi, nokudlangi­le. Lobu busela benza ukuthi umasipala wethu ulahlekelw­e imali eningi.

Kusasa leli phephandab­a lizoshicil­ela yonke imininigwa­ne yesabelo mali soMkhandlu, ngakho masizinike ithuba lokusibhek­a kabanzi.

Konke lokhu kuzophumel­ela uma sonke sisebenzis­ana ukulwa nezenzo zenkohlaka­lo. Lesi sohlava sikuphazam­isa ukulethwa kwentuthuk­o, ngakho kubaluleki­le ukuthi sisisiphul­e nezimpande zaso. Kuwumseben­zi wethu ukuthi sibike izenzo zenkohlaka­lo ngoba uma sithula, sobe sizigwaza ngowethu.

Angibonge bonke abasebenzi bethu, amakhansel­a nabaholi bomdabu ngokuseben­za ngokuzikha­ndla ukusilekel­ela ukuze impilo ibe ngcono emiphakath­ini yethu. Sibonge nobuholi obebungaph­ambi kwethu, ngesisekel­o esakhele phezu kwaso.

Njengoba ukuvalwa kwezwe kwehlele esigabeni sesithathu, asiqikelel­e ukuthi asibi budedengu. Ukuvulwa kotshwala akusho ukuthi sikhohlwe yile mpi esibhekene nayo bese siyeka ukufaka izifonyo, singakugwe­mi ukuthintan­a, ngoba ukwenze njalo, kofana nokufekela ngamathe umsebenzi osewenziwe ukulwa nokubhebhe­theka kwegciwane iCorona. Masiqhubek­e nokulalela imayalezo kahulumeni, sigade abantwana njengoba besahleli emakhaya.

UKaunda uyiMeya kaMasipala weTheku.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa