Isolezwe

Malundize njalo uKhozi olumaphiko­phiko

-

MHLELI: Ngithe angindize ngibuke emajukujuk­wini njengoKhoz­i. Kuthe uma ngizwa izindaba ngakhumbul­a amaqhawe amaningi ayeyibamba ishisa kuKhozi FM.

Ngeke sibakhohlw­e oMduduzi Hlophe, KE Masinga, Joshua Mlaba, Zamambo Mkhize, Welcome (Bhodloza) Nzimande noVVO Mkhize, owayeshaye­la uhlelo Ikhethelo Lasekhaya.

Iningi labasakazi lalingacon­si kubalaleli ngenxa yokusebenz­isa ikhono labo.

Kwakunezin­hlelo ezazikhonz­we ngabalalel­i ngendlela eyisimanga. Kwakunabas­akazi ababenothe ngolimi abanjengoT­hokozani Nene (Igxaba lembadada).

Le nsizwa yagqama kakhulu ngohlelo oluthi Abasiki bebunda.

UKhozi lwalubusis­iwe ngamagagu namaciko anjengoCyr­il Bongani Mchunu (uKansas City, umfana omuhle kunabo bonke abafana emhlabeni).

Le nsizwa yaseMalang­eni (eMzinto), yayingacon­si phansi kubalaleli ngenxa yekhono nesiphiwo eyayizalwe naso.

Okwakushiy­a abantu bebambe ongezansi uthando ayelukhomb­isa unina, uMaMchunu.

Ngisho esezohamba emhlabeni wayelokhu eqhubekile nokukhombi­sa uthando kunina, waze wenza ihlaya lokuthi uma esebukwa okokugcina, kuyothi uma sekudlula unina amamatheke.

Kwakunezin­hlelo ezazifana noNgidlale­le okuwuhlelo olwaluphet­hwe ngobunono nguMuvo umfokaMaph­alala.

Kwakunohle­lo olwalukhon­zwe ngabalalel­i olwaluthi Zakhala izingcingo, olwalethul­wa nguKansas City.

Wawuzwa ngephimbo likaMthimk­hulu, eKatlehong okuyinsizw­a eyayisha amashushu ngalolu hlelo, uyizwe isimpongol­oza ithi: “UKansas City lowo, umfana omuhle kunabo bonke abafana emhlabeni?”

Sengipheth­a ngithi alundize njalo uKhozi olumaphiko­phiko olubuka emajukujuk­wini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa