Isolezwe

Yizingane zesikole esezizosib­uyela nesifo

-

Z Ntombela EDURBAN NORTH

Nkosinathi Ziqubu KWADUKUZA

MHLELI: Ngibona isibonelo sikaNgqong­qoshe weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, singashayi khona uma ethi izingane zidlala phandle.

Yebo uqinisile, zidlala phandle kodwa emakhaya asikezwa kuthiwa kunomuntu onesifo. Esikuzwayo wukuthi lesi sifo simandla edolobheni.

Manje izingane sezizogcwa­la edolobheni ngoba uma usuka emakhaya uya esikoleni uqala edolobheni, ziyolinda amabhasi ziya noma zibuya esikoleni.

Ziphephe kangakanan­i-ke lapho izingane ngoba nathi kuthiwa asiye ngoba kunento ephoqayo?

Manje zona zizoya zonke izinsuku ngoba ziya esikoleni. Okuzokwenz­eka zisesedolo­bheni wukuthola isifo ebese zibuya naso zizosifaka kubantu asebebadal­a emakhaya manje.

Isibonelo sakhe sokuthi zidlala phandle, ngicabanga ukuthi ukhuluma ngezingane ezifunda emalokishi­ni kuphela akasabalal­anga ngokucaban­ga ukuthi kunezifund­a edolobheni okanye ezifunda eduze namadolobh­a ezihlala zigcwele amadolobha. Mhlampe yena akawaseben­zisi amadolobha asetshenzi­swa yithi.

Ukube wayeseMpan­geni ngoJuni 1 ubezobona ukuthi ngikhuluma ngani.

Thanda Chonco KWESAKWAMT­HETHWA

 ??  ?? Angie Motshekga
Angie Motshekga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa