SIbonga amabandla akhulekela ikhambi leCorona
MHLELI: Ngicela ukuqala ngibonge izinkonzo ebeziqonda ukuthi izwe lithini kodwa zathi zona okungcono asihlangane sibe yishumi noma ishumi nambili sicele uMdali wethu asitholele ikhambi elingelapha iCorona.
Siyakhala ngapha nangapha kodwa sineqiniso konke uMdali wethu usitshelile ngakho nangendlela amazwe ehlukene abuswa ngayo ngusathane. UNkulunkulu uyasithanda sonke kodwa ufuna ukusikhumbuza ukuthi wonke umhlaba ungowakhe. Ngisho kungathiwa ugijima ngaliphi igiya noSathane emhlabeni kodwa manje usubonile ukuthi masinyane uzodlula nje. Yena usekwenzile okwakhe ukuthi asikhumbuze ukuthi angasithatha ngosuku olulodwa sonke la emhlabeni wakhe uma ethanda.
Ngempela sidalwa sikaNkulunkulu uhlakaniphile futhi ube nenhlanhla waqonda ukuthi konke okwenza emhlabeni kukhona lapho kukulinde khona. Uyokufica futhi kuyokugqamela ngisho kuthiwa ukwenza kanjani, kuphi, nini. Ungakhohlwa wukuthi yena uyakubona futhi uyokufica noma ngabe uyilowo okhohliswa ubunjalo bezwe okulo. Lona liyobe lingasekho futhi awuqondi ukuthi nalo lingelakhe nokuthi njengoba usaqhubeka usaphila kulona yingoba kuthanda yena. Uthi encwadini yakhe eNgcwele “Mfuneni uJehova esenokutholwa nimbize eseseduze”, Heberu 11:6. Funda noThimothewu 1:6 uzwe ukuthi uMdali uthini kithina bantu.
Usasinike ithuba lokuphila futhi ufisa ukuba simbone emva kweminyakana esizoyiphila emhlabeni wakhe. Nawe mzali onengane noma onezingane uthini kuwe uma ufisa ukuzibona ungowakhe nenzalo yakho kube kuyo ukuthi uyikhulisa ngeziyalo zakhe nje yona izokhula ihambe kanjani emhlabeni wakhe, iZaga 13:24 neZaga 22:15, zithi khumbula ukuthi konke okuphila emhlabeni wakhe yikho oyokuphila ngale kwethuna lakho.
Ngimthanda kakhulu uMdali lapho esiyaleza ukuthi akakhethi muntu ngokuza kuye, kuphela wena phenduka ushiye konke okwezwe uthathe yena njengoMsindisi wakho. Uyadinga ngempela ukusibona njengezidalwa zakhe, Mark7:6-7 “u-Isaya waphrofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi; Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo kepha inhliziyo yaso ikude nami kodwa bangikhonza ngeze befundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu”. Kukhona izinkonzo eziningi azingahlangananga ukucela uMdali ukuba asize odokotela bathole ikhambi lokwelapha lesi sifo kodwa ezweni kubi. Ongaqeda lobu bubi uyaziwa kodwa akacelwa ngokuhlanganyela, angingabazi ukuthi naye ubabona kahle manje abazibiza ngabakhe kodwa benze okupambene. Okuhle wukuthi usitshelile ngakho konke lokhu.
Engikuthandile ngizwe izinsizwa ezikude noMdali kuzigqamela ukuthi uMdali ukhathele ububi obenzeka kulo emhlabeni., Sekukuye-ke umuntu nomuntu ukuthi uyaqonda yini ngokuthi kumele ahambe ngaliphi igiya emhlabeni woMdali.