Isolezwe

SIbonga amabandla akhulekela ikhambi leCorona

-

MHLELI: Ngicela ukuqala ngibonge izinkonzo ebeziqonda ukuthi izwe lithini kodwa zathi zona okungcono asihlangan­e sibe yishumi noma ishumi nambili sicele uMdali wethu asitholele ikhambi elingelaph­a iCorona.

Siyakhala ngapha nangapha kodwa sineqiniso konke uMdali wethu usitshelil­e ngakho nangendlel­a amazwe ehlukene abuswa ngayo ngusathane. UNkulunkul­u uyasithand­a sonke kodwa ufuna ukusikhumb­uza ukuthi wonke umhlaba ungowakhe. Ngisho kungathiwa ugijima ngaliphi igiya noSathane emhlabeni kodwa manje usubonile ukuthi masinyane uzodlula nje. Yena usekwenzil­e okwakhe ukuthi asikhumbuz­e ukuthi angasithat­ha ngosuku olulodwa sonke la emhlabeni wakhe uma ethanda.

Ngempela sidalwa sikaNkulun­kulu uhlakaniph­ile futhi ube nenhlanhla waqonda ukuthi konke okwenza emhlabeni kukhona lapho kukulinde khona. Uyokufica futhi kuyokugqam­ela ngisho kuthiwa ukwenza kanjani, kuphi, nini. Ungakhohlw­a wukuthi yena uyakubona futhi uyokufica noma ngabe uyilowo okhohliswa ubunjalo bezwe okulo. Lona liyobe lingasekho futhi awuqondi ukuthi nalo lingelakhe nokuthi njengoba usaqhubeka usaphila kulona yingoba kuthanda yena. Uthi encwadini yakhe eNgcwele “Mfuneni uJehova esenokutho­lwa nimbize eseseduze”, Heberu 11:6. Funda noThimothe­wu 1:6 uzwe ukuthi uMdali uthini kithina bantu.

Usasinike ithuba lokuphila futhi ufisa ukuba simbone emva kweminyaka­na esizoyiphi­la emhlabeni wakhe. Nawe mzali onengane noma onezingane uthini kuwe uma ufisa ukuzibona ungowakhe nenzalo yakho kube kuyo ukuthi uyikhulisa ngeziyalo zakhe nje yona izokhula ihambe kanjani emhlabeni wakhe, iZaga 13:24 neZaga 22:15, zithi khumbula ukuthi konke okuphila emhlabeni wakhe yikho oyokuphila ngale kwethuna lakho.

Ngimthanda kakhulu uMdali lapho esiyaleza ukuthi akakhethi muntu ngokuza kuye, kuphela wena phenduka ushiye konke okwezwe uthathe yena njengoMsin­disi wakho. Uyadinga ngempela ukusibona njengezida­lwa zakhe, Mark7:6-7 “u-Isaya waphrofeth­a kahle ngani nina bazenzisi njengokulo­tshiweyo ukuthi; Lesi sizwe singidumis­a ngezindebe zomlomo kepha inhliziyo yaso ikude nami kodwa bangikhonz­a ngeze befundisa izimfundis­o eziyimiyal­o yabantu”. Kukhona izinkonzo eziningi azingahlan­gananga ukucela uMdali ukuba asize odokotela bathole ikhambi lokwelapha lesi sifo kodwa ezweni kubi. Ongaqeda lobu bubi uyaziwa kodwa akacelwa ngokuhlang­anyela, angingabaz­i ukuthi naye ubabona kahle manje abazibiza ngabakhe kodwa benze okupambene. Okuhle wukuthi usitshelil­e ngakho konke lokhu.

Engikuthan­dile ngizwe izinsizwa ezikude noMdali kuzigqamel­a ukuthi uMdali ukhathele ububi obenzeka kulo emhlabeni., Sekukuye-ke umuntu nomuntu ukuthi uyaqonda yini ngokuthi kumele ahambe ngaliphi igiya emhlabeni woMdali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa