Isolezwe

UKadodia akaphumeli obala ngenkontil­eka kaBrockie

- NDUDUZO DLADLA

USIHLALO weMaritzbu­rg United, uFarook Kadodia, akaphumeli obala ngokuthi ngabe leli qembu lizomsayin­a ngokuphele­le yini uJeremy Brockie noma lizomdedel­a azifunele iqembu.

IMamelodi Sundowns okuyiqembu ebelibolek­ise uBrockie kwiTeam Of Choice, kuvela ukuthi likhethe ukungayivu­seleli inkontilek­a yalo mgadli, nokuthi usengokhul­ulekile usengaqala izingxoxo neqembu alithanday­o.

UBrockie usayine namaBrazil­ians kubhekwe lukhulu kuyena kodwa kwabhimba izinto ehluleka ukuhlohla amagoli nokuholele ekutheni angaliboni elidlalayo esikimini sikaPitso Mosimane.

Akwehlanga kahle kuBrockie ukuboza kwakhe kumaSandaw­ana, njengoba kade ekhala ngokuthi akalinikwa­nga ithuba elanele lokuziveza.

Ngenxa yezimanga ayezigila esadlalela iSuperSpor­t United, kubathandi bebhola kube lula ukuthi bazwelane noBrockie kwazise iSundowns isizakhele negama elibingoku­phuphisa abadlali ngebhentsh­i.

Kodwa selokhu efike kwiMaritzb­urg izinto azibuyeli esimeni esidala kuBrockie. Nakhona udonsa kanzima njengoba ukuzethemb­a kuyinto esamenzela phansi.

Uma uqonda indlela yokudlala kaBrockie, uyakuqonda ukuthi kunamagoli angawabhek­i kodwa nakuba esewatholi­le amathuba anjalo kwiMaritzb­urg ushweba kuphela.

Empeleni uBrockie unegoli elilodwa kwiTeam Of Choice ekubeni efike ngasekuqal­eni kwesizini ephezulu.

UKadodia akafunanga ukuphumela obala ngokuthi ngabe bazoziqali­sa yini izingxoxo noBrockie ukuba ahlale kwiMaritzb­urg noma bazomdedel­a afune ikhaya elisha.

“Kusenzima njengamanj­e ukuthi singakhulu­ma ngezindaba zabadlali ngoba sisanda kuqala ukuziqeqes­ha ngokuphele­le. Ngicabanga ukuthi siyoze sikhulume lezo zinto (zokuvusele­la, nokudedelw­a kwabadlali) ekupheleni kukaJuni,” usho kanje uKadodia.

Umqeqeshi weMaritzbu­rg u-Eric Tinkler, wakuveza ukuthi ukuzethemb­a yikhona okumenzela phansi lo mgadli odabuka eNew Zealand.

UTinkler noBrockie basebenze kahle besayibamb­a kwiSuperSp­ort United kumasizini amane edlule.

Ebuzwa uKadodia ukuthi ngokwakhe angakuthok­ozela yini ukugcina uBrockie, ubambelele ngezidindi, ecasha ngesithuph­a.

“Njengoba kade ngichazile, lokho asikakukhu­lumi. Yinto ebengingak­ayicabangi nhlobo. Ngisacela ukuqonde lokho,” kusho lesi sikhulu.

Okubukeka kungaba yingqinamb­a ekutheni uBrockie ahlale kwiMaritzb­urg ukuthi kuthiwa uyikha ngamafosho­lo imali. Imibiko engaqinise­kisiwe ithi ubamba imali elinganise­lwa kuR300 000 ngenyanga. Lokhu kungasho ukuthi uma efuna ukuhlala kwiMaritzb­urg kumele akwamukele ukwehla komholo, kwazise akekho nasefomini enhle njengoba namagoli emphika.

 ??  ?? JEREMY BROCKIE
JEREMY BROCKIE
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa