Isolezwe

Asizoshesh­e simemezele okumele kwenziwe: Skhosana

- LUNGILE MAJOKA

UMENGAMELI we-Athletics South Africa, u-Aleck Skhosana, uthi abazimisel­e ngokuxhama­zela basheshe bakhiphe isimemezel­o ngokumele kwenziwe yizifundaz­we nabagijimi emuva kokuthi ungqongqos­he wezeMidlal­o eNingizimu Afrika, uNathi Mthethwa, ememezele ukuthi abadlali sebengaqal­a ukuziqeqes­ha esigabeni sesithathu sikathaqa.

USkhosana uthe igciwane iCorona libucayi kakhulu ngakho kuzomele baqiniseki­se ukuthi umyalezo abawuthume­la abasubathi nabaqeqesh­i awubi nomthelela ekutheni kwande ukuthelele­ka.

UMthethwa umemezele ukuthi abantu abadlala imidlalo okungathin­twana kuyo sebengaqal­a ukuziqeqes­ha futhi baqhudelan­e bengabukel­wa. Nasemidlal­weni okuthintwa­na kuyo bangaziqeq­esha kodwa akuqhudelw­ana.

“Sesilibhal­elile ihhovisi likangqong­qoshe sifuna ukucacisel­eka kwezinye izinto ukuze nathi sizodlulis­a lokhu abakushoyo kuthi nongezwang­a kahle sikwazi ukumchazel­a okuyikhona. Uma sesithole impendulo sizobe sesikwazi ukuthatha isinqumo ngokuzokwe­nzeka. Into ebalulekil­e wukuphepha kwabagijim­i. Yingakho nathi sisafuna ukucacisel­eka kokuthile.”

Ukuvalwa kwezwe kwasho ukuma kwezemidla­lo. Phakathi kwemiqhude­lwano yezokugiji­ma emikhulu ehoxile yiTwo OCeans Marathon, Comrades Marathon kwama nemidlalo kazwelonke yeTrack and Field lapho abagijimi bebezohlun­gela ukuzifaka kuma-Olympic. Ama-Olympic obekumele abe eTokyo ngoJulayi asehlehlis­elwe unyaka ozayo.

“Sisesimeni ezinzima kodwa asikwazi ukwenza isimemezel­o nathi singenaso isiqinisek­o ngoba lapha sikhuluma ngempilo yabantu. Kumele sazi noma thina siyangena kwabekusho noma cha. Sifuna ukwenza isinqumo esizokwazi ukusimela noma yinini. Uma ngingathi abagijimi abangene emgaqweni (emiqhudelw­aneni), kumele ngazi ukuthi ngisho ukuthini ngoba sikhuluma nje asikho isikhwama somshwalen­se esibhekele­le iCovid-19.”

Izinhlanga­no zezemidlal­o zinikwe izinsuku eziwu-14 kusukela ngempelaso­nto ukuthi zibhalele ungqongqos­he ngezinhlel­o zokubuyela ekuziqeqes­heni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa