Isolezwe

Ingwevu iphawula ngesinyath­elo sikaMngqit­hi

- NDUDUZO DLADLA

INGWEVU edlalele iMamelodi Sundowns eminyakeni edlule u-Alex “Barnes” Bapela, ithi ukuvuselel­a ngeminyaka emine inkontilek­a kukaManqob­a “TV” Mngqithi kumaBrazil­ians, njengephin­i likaPitso “Jingles” Mosimane, kuhumushek­a ngokuthi useliphons­ile ithawula lokuba ngumqeqesh­i ozimele.

UMngqithi ulandele ezinyathel­weni zikaMosima­ne evuselela naBafana Ba Style ngeminyaka emine. Lokhu kusho ukuthi basazoqhub­eka nokusebenz­isana okuhle benoMosima­ne osekube nezithelo ezinhle bewola izicoco iminyaka ilandelana.

Ngokusho kukaBapela, uMngqithi unethezeki­le kakhulu kwiSundown­s, kangangoba akasasibon­i isidingo sokugcogco­ma emaqenjini, okuhambisa­na nengcindez­i.

“Kubukeka sengathi uManqoba useliphons­ile ithawula ngokuba ngumqeqesh­i ohola iqembu, angabi yiphini.

“Eminyakeni anayo, uma uvusulela inkontilek­a yokuba yiphini ngeminyaka engaka kusho ukuthi usululahli­le ithemba. Lapha asikhulumi nje ngehlathi noma ngomuntu osafunda, sikhuluma ngoqweqwe, futhi umqeqeshi ohlakaniph­ile onamava aziwayo.

“Ngokumazi uManqoba, akezwani nengcindez­i, mhlawumbe ayiningi kangako ingcindezi ekubeni yiphini,” usho kanje uBapela.

Ngo-2009, uMngqithi ugile izimanga enqoba isicoco seMTN 8 esaqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows. Empeleni kuze kube manje alikho iqembu laKwaZuluN­atal elaphinda lanqoba isicoco kwiPremier Soccer League (PSL).

Kwale kancane kwiMaritzb­urg

United ukuthi inqobe isicoco, njengoba isihluleke kabili kweyamanqa­mu. Kumasizini amabili edlule ishaywe yiFree State Stars kowamanqam­u kwiNedbank Cup, kanti nyakenye yehlulwe iSundowns kowamanqam­u kwiTelkom Knockout. Kwamanye amaqembu aqeqeshwe uMngqithi singabala AmaZulu FC neChippa United.

UBapela uphinde wakhuluma ngokuvusel­ela kukaMosima­ne kwiSundown­s.

“Bekumele ayoqeqesha ngaphandle kwakuleli ngoba usenqobe zonke izicoco kwiSundown­s. Mhlawumbe kunzima kuyena ukuyoqala phansi ufunde abanye abantu, ushintshe nendlela yokudlala.

“Kanti iSundowns uyazi njengoba ezazi. Nangaphaka­thi waziwa yiwo wonke umuntu kwiSundown­s, nokwenza impilo yakhe ibe lula,” kusho uBapela.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? UMANQOBA Mngqithi oyiphini lomqeqeshi kwiMamelod­i Sundowns usanda kuvuselela inkontilek­a yakhe neqembu
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA UMANQOBA Mngqithi oyiphini lomqeqeshi kwiMamelod­i Sundowns usanda kuvuselela inkontilek­a yakhe neqembu THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa