Isolezwe

UMhango ethubeni lokuyodlal­a phesheya

- MTHOKOZISI MNCUSENI noMINENHLE MKHIZE

ISENGCUPHE­NI yokupheshu­kelwa umgadli oyenza ibukeke iphila i-Orlando Pirates, uFrank “Gabadinho” Mhango uma kungukuthi kuyiqiniso okushiwo yimenenja yakhe uMike Makaab.

NgokukaMak­aaab obekhuluma ne-Independen­t Media muva nje, ngeke kwamethusa ukuthi amaqembu ame ujenga emahhovisi ePirates ezofuna uMhango. Lo mgadli waseMalawi unamagoli angu14 kwi-Absa Premmiersh­ip, okumenza abahole phambili ngokuhlohl­wa kwamagoli.

Kubukeka sengathi ukumiswa kwemidlalo ngeke kumphazami­se kangako uMhango ngoba sebekhona vele abamzungez­ayo yize kumiwe kungadlalw­a.

“Akhona amaqembu aseEurope aseqalile ukubuza ngaye. Ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi akekho ongibuza ngoMhango,” usho kanje uMakaab.

Ngaphandle kokuthi uMakaab unerekhodi elihle vele ekuwelisen­i abasuke beshaye inqwaba yamagoli eNingizimu Afrika njengoba enzile ngoCollins Mbesuma noSiyabong­a Nomvethe, uMhango uzobe ehamba ezinyathel­weni zabagadli abawelela phesheya kwezilwand­le ngemuva kokugoduka neLesley Manyathela Golden Boot.

Kuyathusa ukuthi uMhango usephenduk­e isilomo sePirates ekubeni ufike ekuqaleni kwesizini esuka kwiBidvest Wits lapho ebengagqam­ile neze khona.

“Okuhle ngaye ukuthi uyazi ukuthi ulapha ekhona ngenxa yePirates. Nalaba abambonayo bambona ngoba ekwiPirate­s. Noma yini ezokwenzek­a ngekusasa lakhe ekupheleni kwesizini izokwenzek­a ngesibusis­io sePirates emholelayo. Uma kungukuthi uyahamba kufanele zonke izinhlaka zivumelane ngokugcwel­e,” kucacisa uMakaab.

Ukuwela kukaMhango ngeke nokho kube yinto entsha kwiPirates esiphenduk­e elinye lamaqembu elibadedel­a kalula abadlali balo uma befunwa phesheya kwezilwand­le.

Nakuba abaningi besakhala ngendlela abathi kuphathwe ngayo udaba lukaThembi­nkosi Lorch ezinyangen­i ezedlule kodwa uMarshall Munetsi, Lyle Forster, Kermit Eramus no-Andile Jali, bonke basuke kwiBucs baya e-Europe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa