Isolezwe

Kumnyama ngabadutsh­ulwe endlini kubuka abazukulu

- NONTUTHUKO NGUBANE

BATHUKA izanya abomndeni wakwaZungu emuva kokuba kuhlaselwe abanikazi bomuzi, abathelwe ngoyaba lwezinhlam­vu Ezinhlaben­i, KwaHolinyo­ka, KwaNongoma.

UNkk Qomenkulu Zungu noMnuz Zwelimpi Zungu, badutshulw­e phambi kwabazuluk­u babo, ngoLwesibi­li ebusuku.

Indodana yababulewe uMnuz Thembisani Zungu ithe bayasaba ngoba abazi kungani abazali bebulewe.

“Angazi kungani behlaselwe. Kuthiwa kufike abantu ababili babuza umama, okulandele lapho kube yinhlamvu. Bekukhona abashana endlini kodwa bangabenza lutho. Baqede ukudubula baphuma endlini babaleka. Siyesaba ngoba asazi kungani bebulewe,” kusho uZungu.

Elandisa uthe kube umzuzwana nje abasolwa bengene egcekeni lakubo babe sebebaleka.

“Bengisendl­ini yami, ngabo6 ngizwe kuqhuma sengathi kukhona oshaya uthayela. Ngibone umuntu ephuma endlini kababa nomama. Babe sebecasha ngesibaya. Ngibone izingane ziphuma zibaleka. Bese bedubuleki­le.

Sithole amagobolon­do ayisishiya­galolunye ezinhlamvu. Babili abantu okuthiwa bangene endlini badubula,” kusho uZungu. Uthe kunzima ukuqagela ukuthi kungani bebulewe ngoba uyise kade abuya eGoli lapho ayesebenza khona. “Akukho nabakuthat­hile, bafike bababulala base bebaleka,” kusho uZungu. Uthe bayafisa ababulali baboshwe ukuze bezothola isizathu sokubulawa kwabazali bakhe. Okunye okuphawule­kile wukuthi amaphoyisa afike endaweni yesigameko athatha amagobolon­do amahlanu, kuthe sekufika omama bendawo bezohlanza indlu abadutshul­we kuyo bathola amanye.

“Omama bendawo abebehlanz­a indlu bawathathi­le amagobolon­do bawaphonsa endlini yangasese namanzi abegcwele igazi. Bebengazi ukuthi asengasets­henziswa amaphoyisa,” kusho uZungu.

Abazukulu bababulewe uthe basathukil­e emuva kokubuka bebulawa phambi kwabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa amacala okubulala amabili esiteshini saKwaNongo­ma, uphenyo lusaqhubek­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa