Ayibhekwe eyezifonyo nesibulalimagciwane
MHLELI: Akekho ofisa ukuhaqwa yiCovid-19. Kepha isibulalimagciwane esifuthwa ngaso kwezinye izikhungo nasezitolo siyasixaka.
Njengasesibhedlela iNorthdale, eMgungundlovu isibulalimagciwane sakhona sinephunga elinamandla, elibi. Sinukisa okomquba. Iphunga laso lidabula ikhanda. Sifuthwa ngaso uma singena esangweni. Kepha emawodini ayisetshenziswa.
Singenza ngizibuze ukuthi senzani esikhumbeni uma sizwakala kanje ekhaleni. Ekuqapheleni loko ngafonela umxhumanisi wesibhedlela nomphakathi engingeke ngimgagule ngegama. KwakuwuMeyi, wayithatha lula len daba. Washo ukuthi isibulalimagciwane sabo sihloliwe ngokwezinga eliphezulu futhi sigunyaziwe, yisona yisona futhi asikho esinye.
Ekuzweni kwami lokho ngabe sengimthumela i-email ukugcizelela inkulumo esibe nayo ngocingo. Zange ayiphendule leyo email.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi wobani abahlola ukuthi isibulalimagciwaner sikulungele yini ukusetshenziswa nokuthi senziwe ngendlela efanele na.
Ngike ngezwa ezindabeni ze-eNCA kukhulunywa ngayo le nto ukuthi isibulalimagciwane sizosidalela izinkinga zesikhumba. Kumele kwenziwe njani uma kunje?
Ngiyavuma kuhle ukuxwayiswa kodwa kuzoletha ungabazane ukusetshenziswa kwezivikeli.
Siselapho kwizivikeli, ixakile neyezifonyo. Ezinye kaziwudlulisi umoya, umuntu uphefumula umoya awukhiphayo. I-Oxygen igcina ingasayi ebuchosheni. Abanye abantu kumele bafake izifonyo isikhathi esiphakathi kwamahora awu-8 kuya kwawu-12 ngosuku.
Bengifisa ke lubhekwe udaba lwezifonyo ukuthi kumele zifakwe kanjani. Ngeke ufake isifonyo usebenza wedwa, ushayela imoto yakho noma uhamba wedwa.
Okhathazekile ETRUSTFEED