Ukuba wumsakazi wakuthanda emncane
KWAMUSIZA ukuthi aqale ngokuba yintatheli yize wayethanda kakhulu ukuba ngumsakazi uMusawenkosi Mbonambi. Lo msakazi owaziwa ngoMsajero, The Ice-breaker uthi yize ubuntatheli nokuba ngumsakazi kusemkhakheni owodwa, kepha yena wayethanda kakhulu ukuba ngumsakazi kanokuba yintatheli yephephandaba.
Le nsizwa engene kwezokusakaza ngo2008, nesizakhele igama emsakazweni Izwi LoMzansi 98.0 FM, izalelwe eMshazi, KwaNgcolosi.
UMusawenkosi waqeda umatric ngo-1998 eMyeka High, eMaphephetheni, uthi akabanga nayo inhlanhla yokuqhubeka nemfundo ephakeme kodwa umsakazo iyona ayeyithanda.
“Abantu abasha abanothando lomsakazo baye bacabange ukuthi kulula ukusakaza kanti akunjalo. Kumele ufunde ube neziqu ezithile. Ngenxa yesimo sasekhaya angikwazanga ukufunda kabanzi ngomsakazo. Eminyakeni edlule ngafundela iCommunication Science e-UNISA nakhona ngangaqeda.Ngagcina ngokuthi ngenze itoho ngibhalela amaphephandaba ahlukene,” kuchaza uMusawenkosi.
Wagcina engenile kwezokusakaza ngenxa yokuzisondeza nabasakazi abadumile wahlangana noVela Xulu osebenza kwiZwi LoMzansi FM , lapho esebenza khona uMsajero.
“Ngafunda izindaba ngiqeqeshwa abantu okukhona kubo uNduku Masango, Sifiso Sibisi noVela okumanje ngisabambisene nabo. Emsakazweni Izwi LoMzansi ziningi izinhlelo esengike ngazenza kodwa uhlelo engingathi lwaba lukhulu ngokulalewa oluthi The Rare Midnight Xperience engangilwenza ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-2013 kuze kube u-2014. Manje ngenza uhlelo olukhula zikhathi zonke olungena kabili ngesonto ngoLwesihlanu nangeSonto ngo-3.00 kuya ku-6.00 ekuseni, iMusotherapy enesiqubulo esithi “Your Different Weekend Radio Template,” kuchaza yena.
UMsajero uthi ezinye izinto aseke wazijabulela ukucishe angene emsakazweni Igagasi FM ngesikhathi kwakufuneka umsakazi. Uthi ukusakaza nabantu abanjengoZookey Zarling, Mzokoloko noVusi Letsoalo kwasho lukhulu kuyena. Uthe ukungaphumeleli akumenzanga alahle ithemba. Uveze ukuthi ufisa ukuzibona ekhula kwezokusakaza esebenzela imisakazo emikhulu enjengeMetro FM, Radio 2000 noKhozi FM.
Ufisa ukushintsha umqondo wentsha ecabanga ukuthi imisakazo yemiphakathi igqilaza abantu abasha.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kulengosi ungathumela i-email ku-nokubongwa.phenyane@inl. co.za