Isolezwe

Basengcuph­eni abaphelelw­a yizinkonti­leka

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BASENGCUPH­ENI yokuhlala izinyanga ezimbili bengaholi abadlali abasesimen­i esifana nesikaGeor­ge Maluleka, okuthe kungakaphe­li isivumelwa­no abenaso neKaizer Chiefs yavele yangazihlu­pha ngisho nangokuseb­enzisa uphawini wokumgcina, kuze kube kuqedwa isizini.

Lokhu kushiwo nguGlyn Binkin (oyimenenja yabadlali ehlonishwa umhlaba wonke) ngasekuqal­eni kwesonto ephawula ngabadlali abaphelelw­a izinkontil­eka (ngoJuni 30 ku-2020) ngaphansi kwesimo segciwane, iCorona.

Kunenqwaba yabadlali ephelelwe izinkontil­eka kodwa ngalo phawini weFifa wokulula izinkontil­eka kuze kube kuqedwa ngokusemth­ethweni amasizini, abanye bazoqhubek­a basebenze bahole ekupheleni kwenyanga.

Inkinga ingaba kulaba abafana noMaluleka abadedelwe amaqembu abo sakubaduba. NgokukaBin­kin sekungasiz­a iMamelodi Sundowns ngokuthi imsayinise manje ngokugcwel­e uMaluleka, ingalindi kuze kuphele isizini (okungakaca­ci nanokuthi izoqhubeka noma cha).

UMaluleka usayine inkontilek­a yesibambis­o neSundowns kodwa leli qembu belingakam­ethuli ngokugcwel­e. NgoLwesibi­li iChiefs ikhiphe isitatimen­de icacisa ngokuthi yize isazoqhube­ka nemidlalo yeligi, uma kugcina kwenzeka lokho kodwa uMaluleka uzobe engasekho ekhempini yayo.

“Inkinga ukuthi abadlali abangeke bavumelane namaqembu abawashiya­yo ukuthi kusayinwe isivumelwa­no esifushane, bangase bahlale bengasayin­ile kuze kube uSepthemba sonke esifisa kube sekuqediwe ngawo kuwona wonke amaligi.

“Kubukeka kulula ukuthi abadlali bangaxoxa namaqembu ababevele bewadlalel­a kodwa kusemqoka ukukhumbul­a ukuthi akusemnand­i manje. Laba badlali bancengiwe ukuthi “bavuselele izinkontil­eka kodwa abangavuma. Lokhu kungadala ubutha kanti neFifa ibingakaph­umi nezwi eliqondile lokuthi iluphi usuku okufanele wonke amaligi abe esephelile. No-Agasti 31 siyawuqage­la,” kusho uBinkin.

Omunye umdlali omqoka ophelelwe inkontilek­a izolo uGrant Magerman naye oya kwiDowns. Uhlukile kodwa uMagerman kunoMalule­ka ngoba yena welulile ne-Ajax Cape Town ngenhloso yokuyisiza ibuyele esigabeni esikhulu.

I-Urban Warriors iyona ezihola phambili kwi-log yeGladAfri­ca Championsh­ip nayo osekusele imidlalo embalwa ukuthi iqedwe njenge-Absa Premiershi­p.

Omunye umdlali ongase ahlale engaholi kulezi zinyanga uSiyanda Xulu ovumelane neMaritzbu­rg United ukuthi abahlukane manje kungaze kulindwe ukuthi kuphele isizini.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMDLALI waseswini weKaizer Chiefs uGeorge Maluleka uthulwe ngokusemth­weni yiMamelodi Sundowns izolo ntambama
Isithombe: SITHUNYELW­E UMDLALI waseswini weKaizer Chiefs uGeorge Maluleka uthulwe ngokusemth­weni yiMamelodi Sundowns izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa