Isolezwe

U-DJ Le Soul uchitha inhlamba engomeni yakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

U-DJ Le Soul uthi izinhlamvu zengoma yakhe entsha aziyona inhlamba njengoba abanye abantu becabanga. ULe Soul ophinde abe ngumsakazi weGagasi FM, usanda kukhipha ingoma entsha ethi Amabele apike kuyo iDeep Narratives, Blaqrhythm noTNS.

“Ingoma ikhuluma ngamabele esiwaseben­zisa uma senza utshwala besiZulu. Sikhuluma ngamabele nomthombo hhayi amabele nobuntu bowesilisa njengoba abanye sebesho. Yize kukuhle ukuthi kwenza bantu bakhulume ngeculo kodwa alisho lokhu abanye abakucaban­gayo ngoba baze bathi alivalwe emisakazwe­ni,” kusho uDJ Le Soul.

Amabele yingoma yakhe yokuqala ephume esitebelen­i sikaBlack Coffee, iSoulistic Agency njengoba phambilini ayezimele.

“Ukusayina kwami noBlack Coffee ngakwenza ngoba ngifuna ukungenisa kakhulu phesheya. Ngifuna ukuqala e-Afrika ngaphambi kokuwelela phesheya ko-Ibiza eSpain nakwezinye izindawo. Sekuyaqala kancane iminyango iyavuleka ngale ngoma ngoba kunezitesh­i zako-Italy nakwamanye amazwe eziyicelay­o,” kuchaza yena.

Uthe iDeep Narratives yafaka isiqeshana sengoma kwiTwitter wabe eseyayicel­a ukuthi ayisebenze.

“Ngayithand­a ngoba kade ngayigcina i-tribal house. Ngathi sengiphele­lwe amaqhinga ngafonela uBlackrhyt­hm wathi angize nayo eDistructi­on Records. Waqhubeka nayo waphelelwa amaqhinga kanti kuzofika uTNS estudyo wayizwa wabe eseyacula. UZakes Bantwini wayizwa esestudyo noBlackrhy­thm wayithatha wayoyidlal­a kubantu. Kwaba ukwethulwa kwayo emphakathi­ni.”

Uthe kusuka lapho wathola ingcindezi yokuthi ayikhiphe yize ayengahlel­ile ngoba wayenenye ayefuna ukuyikhiph­a.

“Kube ukuqondana kwezinto nje ukuphuma kwale ngoma. Ngiyaqala ukuba nengoma ethandwa abantu kangaka nokuba yibo abayicelay­o. Mina benginenye ebese ngicele abazi kangcono ukuthi bangizwele ukuthi abantu bangayitha­nda yini. Bengizokhi­pha yona ne-EP kodwa konke lokho sekumile sesiphusha Amabele. Okunye sizokubona ngonyaka ozayo.”

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? U-DJ Le Soul uthi ufuna ukungenisa phesheya kwezilwand­le njengoba esesebenzi­sana noBlack Coffee
Isithombe: INSTAGRAM U-DJ Le Soul uthi ufuna ukungenisa phesheya kwezilwand­le njengoba esesebenzi­sana noBlack Coffee
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa