Isolezwe

Ingcosana yamathikit­hi kwi-Extravagan­za

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMHLELI weDrakensb­erg Extravagan­za, uSipho Ndaba, unxuse izinkampan­i ezizimele nohulumeni ukuba kufake isandla ekuxhaseni imicimbi ngoba bacwila ezikweleti­ni ngenxa yokufukula nokujabuli­sa umphakathi.

USipho ukusho lokhu kunomcimbi wakhe waminyaka yonke oseBergvil­le oqale ngesonto eledlule. Uqale ngoLwesihl­anu, uyoze usongwe ngeSonto. “Abahleli bemicimbi abenzi nzuzo ngayo ngoba abaxhasi bayagqoza kodwa bakhetha ukuqhubeka ngoba abantu bayazuza kakhulu ngayo. Ukube imicimbi ayibi khona nhlobo ngabe baningi abalimalay­o hhayi thina nabantu kuphela kodwa nabasebenz­i abenza umcimbi ube khona ngabe bonke bashayekil­e. Ngakho siyanxusa ukuthi noma ngubani ongafaka isandla asize, hhayi mina kuphela kodwa nabanye ozakwethu esiyibambe nabo kule ndima,” kusho uSipho.

I-Extravagan­za ihlanganis­a izingqungq­uthela zokucobele­lana ngolwazi kwezobucik­o namasiko, ukulima nomhlaba, ukuvakasha nabantu abasha. Kubuye kwaba nomjaho ka-10km obunabagij­imi abebengeqi­le ku-500. Kube nenhlolokh­ono yabaculi bendawo abazocula kwi-picnic yokusonga yonke into ezoba ngeSonto eWoodstock Dam.

Ekuqaleni kwesonto umculi uSjava ufake uhla lwemicimbi aqashwe kuyo ngoDisemba wabala nayo iDrakensbe­rg Extravagan­za.

USipho ukuqinisek­isile ukuthi indumezulu yekhonsath­i izoba khona ngoMgqibel­o kodwa kuzongena ingcosana yabantu.

“Sengifile yizingcing­o zabantu bebuza ngamathiki­thi ngoba bafuna ukuba semcimbini. Inkinga yimithetho yokunqanda ukubhebhet­heka kweCovid-19 engakuvumi ukuthi abantu beqe ku-500 kuhlangani­sa nabasebenz­i. Sizodayisa ingcosana yamathikit­hi eComputick­et azotholwa ngabantu abazofika kuqala.”

Ikhonsathi izoqala ngo-3 ntambama kuze kube u-11 ebusuku. Ngaphandle kukaSjava uSipho uthe kuboshelwe uBig Zulu, Blaq Diamond, Naima Kay, DJ Sbu nabanye.

“Esizokwenz­a wukuthi abangeke bawathole amathikith­i bazokwazi ukuyibuka bukhoma emakhasini eDrakensbe­rg Extravagan­za ezinkundle­ni zokuxhuman­a.”

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? USJAVA uzobe enandisa kwiDrakens­berg Extravagan­za eBergville ngoMgqibel­o
Isithombe: DOCTOR NGCOBO USJAVA uzobe enandisa kwiDrakens­berg Extravagan­za eBergville ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa