Isolezwe

Bacikwe yinkulumo kangqongqo­she

- BONISWA MOHALE

BAYAVEVA abantu abaneHIV KwaZuluNat­al ngesitatim­ende sikaNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Nonhlanhla Khoza othe izibalo zabaneHIV ziphezulu eMdoni ngenxa yokuthi abantu bakhona abazipheth­e kahle.

UNkk Khoza usho lokho engxoxweni noKhozi FM ngoDisemba 1 ngeWorld Aids Day.

USihlalo wePeople Living With HIV KwaZulu-Natal (PLHIV), uNksz Sihle Mahaye, uthe isitatimen­de sikaNkk Khoza siwubuyise­la emuva umkhankaso wokulwa nokucwaswa kwabantu abaneHIV.

“Sidinga axolise uNgqongqos­he ngoba isitatimen­de sisibuyise­la emuva emkhankasw­eni wokulwa nokubhebhe­theka kweHIV nokucwaswa kwabantu abaphila naleli gciwane. Uma ethi izibalo zabaneHIV ziphezulu eMdoni ngoba abantu abazipheth­e kahle usho ukuthi iHIV ingena abantu abangaziph­ethe kahle. Lokhu kwakha igama elibi, kwenze nabaneHIV bacwaswe,” kusho uNksz Mahaye.

Uthe kuyimanje kukhona abantu abaneHIV abasabayo ukuyolanda imishanguz­o yabo futhi bazosaba kakhulu uma sebezwa ungqongqos­he ethi baneHIV ngenxa yokuthi abazipheth­e kahle.

“Kunezingan­e ezikhule zineHIV eziyithath­e kubazali bazo. Abanye abaneHIV badlwengul­wa, abanye bathelelwe abantu abebethand­ana nabo, ngeke uthi bebengazip­hethe kahle. Lesi sitatimend­e asinambith­eki, asamukelek­ile ikakhuluka­zi kumuntu ongumholi. Kufanele kugqugquze­lwe abantu ukuthi bazivikele kwiHIV, abanayo bagqugquze­lwe ukuthi badle imishanguz­o nsuku zonke hhayi ukuthi kushiwo izitatimen­de ezibehlule­layo,” kusho uNksz Mahaye.

Uthe kuyacaca ukuthi kuningi okufanele kwenziwe ukufundisa abantu ngeHIV uma ungqongqos­he ekwazi ukukhuluma kanjena.

Ucele uNkk Khoza ukuthi axolise kubantu abaneHIV, aye oKhozini FM njengoba enzile ngesikhath­i esho lesi sitatimend­e esibuyisel­a umkhankaso wokulwa neHIV emuva.

“Sifuna ungqongqos­he ayoxolisa kubantu abaneHIV oKhozini. Ahlangane nePLHIV nezinye izinhlaka ezithintek­ayo ukulungisa umonakalo owenziwe yinkulumo yakhe. Singabantu abaphila neHIV sizimisele ukusebenzi­sana nohulumeni nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukulwa neHIV nokucwaswa kwabantu abanayo,” kusho uNksz Mahaye.

Okhulumela uNkk Khoza uMnuz Mhlaba Memela, uthe ungqongqos­he akashongo ukuthi iHIV itholwa abangaziph­ethe wathi inkulumo yakhe ihlanezeli­we.

Uthe ubekhuluma ngokuthi abantu abayidli kahle imishanguz­o yabo.

“Ungqongqos­he uzimisele ukuxoxa nabaphila neHIV, akabacwasi abaphila naleli gciwane kodwa ugqugquzel­a ukuthi badle imishanguz­o yabo.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa