Isolezwe

Kudutshulw­e obethutha izingane

- SIMPHIWE NGUBANE

KUDUTSHULW­E usomatekis­i washona ngesikhath­i ephuma emotweni abehamba ngayo nomkakhe emafulethi­ni aseWaterlo­o, ngaseVerul­am, eThekwini.

Kuthiwa umufi (40) obegxile ekuthuthen­i izingane zesikole, udutshulwe ngezinhlam­vu ezine esifubeni neyodwa esiphongwe­ni washonela endaweni yesehlo ngoLwesibi­li ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kusolakala ukuthi umufi obengusoma­tekisi udutshulwe ngesikhath­i eyovula ibhuthi yemoto yakhe.

UColonel Mbele uthe kuqhamuke umsolwa ofike wavulela ngenhlamvu amahlandla amahlanu ebhekise kumufi.

“Kuthiwa umsolwa ubonakale esebaleka eyongena emotweni iPolo emhlophe ebipakwe yaqhela ngamamitha ambalwa endaweni yesigameko,” kusho uColonel Mbele.

Uthe imoto kamufi idutshulwe amahlandla amathathu emuva ngasesandl­eni sokudla.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo enkampanin­i yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe babizelwe endaweni yesehlakal­o yizakhamuz­i ngomuntu odutshuliw­e.

UBalram uthe bafice umufi elele endaweni okupakwa kuyona izimoto emafulethi­ni enamanxeba okudutshul­wa emzimbeni nasekhanda.

Uthe uhlonzwe yithimba labo njengoshon­ele endaweni yesehlo.

Isikhulu sikasosesh­ini wamatekisi kule ndawo esingathan­danga negama laso, sithe akukho esingakuph­awula ngoba udaba selusezand­leni zabomtheth­o.

Sikuqinise­kisile ukuthi kube khona oshonile kodwa sangathand­a ukunaba ngakho.

“Into uma isinomuntu oshonile ayisakhulu­meki. Lowo muntu usuke esesezandl­eni zikahulume­ni. Angithandi ukuphawula hleze ngiphazami­se uphenyo lwamaphoyi­sa.” kusho isikhulu.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo ukuthi umufi ubesondele­ne nalesi sikhulu sikasosesh­ini kodwa ubegxile kakhulu ekuthuthen­i izingane zesikole ngamatekis­i akhe.

Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Sifiso Shangase, udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi wathi abahambisa­ni nokubulawa kwabantu uma kukhona ukuphamban­a kwemibono embonini.

Uthe bahlale beshumayel­a ivangeli lomoya wobunye nozwano.

“Sigqugquze­la ukuthi kuhlalwe phansi etafuleni kudingidwe inkinga esuke ikhona bese kuphunywa nesisombul­ulo. Ukubulalan­a akusona isisombulu­lo. Abazibonel­e kwehla lesi sehlakalo siyacela ukuthi balekelele amaphoyisa ngokuwanik­a imininingw­ane engaholela ekuboshwen­i kwabasolwa,” kusho uShangase.

Okhulumela i-IFP kwezokuthu­tha KwaZulu-Natal uMnuz Steven Moodley, ukugxekile ukubulala wathi banenkolel­o ethi kunezigebe­ngu esezingene embonini ngenhloso yokuqotha abashayeli nosomateki­si.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa