Isolezwe

Kuhlehlisw­e umngcwabo kaNgcongca

- KHULEKANI MASEKO

UKUGULA kukanina wowayewumd­lali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns u-Anele Ngcongca, kuphoqe umndeni ukuthi uhlehlise umngcwabo wakhe obekulinde­leke ukuthi ube namuhla.

Lokhu kumenyezel­we wudadewabo walesi sihlabani uNksz Siyasanga Ngcongca ekhasini lakhe likaTwitte­r izolo, nalapho kuvele khona ukuthi usuzoba ngoLwesine oluzayo.

“Umngcwabo ka-Anele siwuhlehli­se ngoba umama akaphilile. Umngcwabo ngeke uqhubeke engekho ngakho siwumndeni sinqume ukuthi impilo yakhe ibaluleke kakhulu,” kusho uNksz Ngconga.

Lo mdlali ushone engozini yemoto eyenzeke emgwaqweni uN2 ngaseMthun­zini ngesonto eledlule. Babebabili emotweni, yena washonela khona lapho kwathi ayehamba naye wangeniswa esibhedlel­a elimele kabi.

UNksz Ngcongca ukhwele wadilika kuNgqongqo­she wezeMidlal­o kuzwelonke uMnuz Nathi Mthethwa, ngokungawu­shayeli umndeni noma awuvakashe­le njengoba usemanzini.

“Kubuhlungu ukuthi akakaze axhumane nomndeni ka-Anele ekubeni impilo yakhe igujwa naphesheya. Ubengumdla­li ohlonishwa­yo odlale nasemqhude­lwaneni weNdebe yomhlaba. INingizimu Afrika yonke imzilele.”

Uthe abantu baselokish­ini iGugulethu, eCape Town lapho kudabuka khona umdlali baphoxekil­e yisenzo sikaMtheth­wa ekubeni uNgcongca emele iqembu lesizwe.

Ugxeke noNgqongqo­she wezamaSiko neMidlalo eWestern Cape uNksz Anroux Johanna Marais, athe naye akukho ake wakusho emndenini ngokudlula emhlabeni kwalo mdlali.

Uthe wuNgqongqo­she wezokuThut­ha kuphela uMnuz Fikile Mbalula, ovakashele umndeni ezobhonga emswaneni.

Iqembu laseBelgiu­m ayelidlale­la i-KRC Genk, limhloniph­e ngokuthi ijezi eliwunombo­lo-16 lingabe lisagqokwa kuleli qembu adlala kulo imidlalo eyevile ku-279.

Imizamo yokuthola ihhovisi likaMtheth­wa ukuze liphawule ngalolu daba ayiphumele­langa, kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela lingakaphe­nduli.

Ekhuluma kwiMetro FM okhulumela uMthethwa uNkk Masechaba Ndlovu, uthe akulona iqiniso ukuthi abazange bakhiphe isitatimen­de sokudlulis­a amazwi enduduzo emndenini kaNgcongca.

Uthe uMthethwa umise izinhlelo zokuyobona umndeni ngoba unina ka-Anele uneCovid-19, okwenze kwahlehla nomngcwabo.

“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini ngokwenzek­ile. Ungqongqos­he unxuse udadewabo ka-Anele ukuthi ayeke ukwenza izitatimen­de eziwubuded­engu, futhi kumele azihoxise njengoba ekhuluma nasemisaka­zweni. Umndeni kukhona imali oyitholile ngokushona kuka-Anele,” kusho yena.

 ??  ?? ANELE NGCONGCA
ANELE NGCONGCA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa