Isolezwe

Icikekile imeya ngabafuna amathenda ngobudlova

- SIMPHIWE NGUBANE

KUSOLWA osonkontil­eka abangeneme ngokungawa­tholi amathenda, ngezigamek­o zokucekelw­a phansi kwempahla kaMasipala weTheku.

Kamuva nje kuvalwe i-valve yedamu lamanzi eCato Manor, eliphakela idolobha iTheku nemiphakat­hi elizungezi­le esehlweni sangoMsomb­uluko ekuseni.

IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, isigxeke yangahloni­za lesi senzo, esichaze ngobugeben­gu.

UKaunda uthe izigilamkh­uba zivale i-valve, yasikwa kwenzelwa ukuthi kungabi khona ozokwazi ukuyilawul­a ukuze amanzi aphume.

Uqhube wathi ngosuku lwesehlo bahlangane nabasebenz­i bomkhandlu, kwavunyelw­ana ngokuthi kuzovulwa amacala emaphoyise­ni.

Njengamanj­e umkhandlu ukhuluma nabaholi bamaphoyis­a KwaZulu-Natal, ukuze kungenele ubunhloli bakhona ukuze kuzoboshwa abathintek­ayo, babhekane nengalo yomthetho.

“Uma ngabe unezimoto zamanzi, okuthi uma kuvalwe amanzi usizakale ngoba ufuna imali kaDisemba, musa ukuyonqamu­la ingqalasiz­inda kamasipala ngoba ufuna siqashe izimoto zakho zamanzi,” kusho uKaunda.

Umkhandlu usezinhlel­weni zokwengeza isibalo samaloli awo athuthela umphakathi amanzi, bese uqasha abantu abazoseben­zela umasipala.

Lokhu umasipala ukwenza ukuze ugweme ukuthembel­a kosonkonti­leka abazimele, uKaunda athe yizo lezi kwesinye isikhathi ezivala ama-valve khona kuzoqashwa zona.

Uthe babe nenkinga enkulu edolobheni, amanzi engekho ngoba leli damu liphakela izindawo eziningi.

Ucele abangawath­olanga amathenda eThekwini ukuthi bangalokot­hi baye kwingqalas­izinda yomkhandlu beyoyiceke­la phansi. Uthe kubaluleki­le ukuthi abantu balinde, kulandelwe imigudu yezomtheth­o yokukhishw­a kwamathend­a. “Uma sikuyeka singenzi lutho ngalokhu, zizoqhubek­a njalo lezi zenzo. Esikujabul­elayo wukuthi singenele ngokushesh­a, sawabuyisa amanzi ngokuphazi­ma kweso,” kusho uKaunda.

Kuphoqelek­e ukuthi umkhandlu uxolise emphakathi­ni futhi uwubikele ngokushesh­a ukuthi yingani amanzi ungenawo.

Phambilini kunosonkon­tileka abathuthel­a umasipala amanzi abasabisa ngokukhiny­abeza indlela okuhanjise­lwa ngayo umphakathi amanzi uma umkhandlu uqhubeka nokubancis­ha amathenda.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, isola osonkontil­eka abathuthel­a umkhandlu amanzi ngokucekel­a phansi ingqalasiz­inda ngoba bengawatho­li amathenda
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, isola osonkontil­eka abathuthel­a umkhandlu amanzi ngokucekel­a phansi ingqalasiz­inda ngoba bengawatho­li amathenda
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa