Isolezwe

Ikomiti lichitha ukuguqulwa komthetho wokhetho

- SABELO NSELE

IKOMITI elibhekele ukusebenza koMnyango wezaseKhay­a ePhalamend­e, liyakuchit­ha ukuguqulwa komthetho wokhetho obekuzonik­a inhlangano eyengamele ukhetho igunya lokushints­ha indlela esetshenzi­swa uma kuvotwa.

Ikomiti selithathe isinqumo sokukhipha isigaba-12 nesika-14 somthetho wokhetho, njengoba kulungisel­elwa ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka ozayo.

Izigaba ebezihlong­ozwa, bezizonike­za i-Independen­t Electoral Commission (IEC) igunya lokuqhamuk­a nendlela entsha yokuvota.

I-IEC ibizimisel­e ngokuhlola ukuthi kungaba yimpumelel­o ukuvota kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe.

Esitatimen­deni uSihlalo wekomiti uMnuz Bongani Bongo, uthe banqume ukukhipha lezi zigaba kwizichibi­yelo ezihlongoz­wayo.

“Sibe nohlelo olunzulu lokulalela uvo lomphakath­i lapho sithole khona izethulo eziwu12 305 nezingu-28 ebeziqhamu­ka ezinhlaken­i ezehlukene. Zibe ziningi izikhalo. Emva kokulalela izikhalo, ikomiti lithathe isinqumo sokususa isigaba 12 nesika-14 somthetho. Ikomiti liyakholel­wa ekutheni udaba lwendlela esetshenzi­swayo uma kuvotwa luwudaba lwenqubomg­omo esingeke siluyekele kwi-IEC kuphela ukuthi kube yiyo ethatha isinqumo.”

Uthe: “Akukhathal­eki noma ngabe i-IEC ibithi isafuna ukuhlola kuphela ukuthi yiziphi ezinye izindlela ezingasets­henziswa ukuvota.”

Abantu abaningi abaphawuli­le bakhale ngokuthi uhlelo lokuvota ngezobuchw­epheshe lungaba sengcuphen­i yokuthi kube khona inkohlakal­o emiphumele­ni yokhetho.

UBongo uthe ikomiti lizophakam­isa ukuthi iPhalamend­e lihambisan­e neziphakam­iso zekomiti.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa