Kugwetshwe ummeli odle imali yeRAF
UMMELI waseKapa ugwetshwe iminyaka engu-12 ejele ngamacala okuqola ababehlomule ngemali yokulimala emigwaqweni iRoad Accident Fund (RAF).
Ummeli oneminyaka engu-53 ongumnikazi wenkampani iBA Bauman Attorneys, uMnuz Brian Albertus Bauman, kuthiwa waqola ababehlomule ngemali, wabe esesebenzisa uR14.8 million ukuba agembule.
Okhulumela iNational
Prosecuting Authority, uMnuz Eric Ntabazalila, uthe inkantolo inqume ukuthi kuphenywe ukuthi ingadliwa yini impahla kaBauman.
Uthe uBauman, kwakumele avule i-akhawunti ukuze afake le mali kuyo, wathi wavuma ukuthi wathola imali engaphezu kukaR24.4 million, yabantu ayebamele kodwa wagcina ebanikeze uR6.7 million kuphela, wazidlela enye.
“UBauman, uvume ukuthi uma imali isifakwe ngabeRAF kwi-akhawunti yenkampani yakhe, akazange ayidlulisele kubantu abafanele, kwabanye wayebakhokhela imali encane enye azidlele yona,” umshushisi Adv Siphokazi Makanda utshele inkantolo.
UMakanda uthe lo mmeli wathatha imali okwakumele ilekelele abalimele kanzima ezingozini zezimoto.
“Ngisho noma esevulelwe amacala ubeqhubeka ethatha imali yabantu,okusho khona ukuthi ubengenalo uzwelo.”
UBauman odivosile futhi onezingane ezintathu, utshele inkantolo ukuthi ubenenkinga yokugembula.
Uthe useyaluthola usizo, uhamba nemihlangano ezomlekelele kule nkinga abhekene nayo.
Inkantolo ithe ngoMeyi 5, 2021 kumele uMbuso usho ukuthi unezimpahla ezingabiza malini ukuze ukwazi ukuthatha isinqumo ngokudliwa kwazo.
UBauman kuthiwa kumele alethe isitatimende esisho ukuthi unempahla engakanani. Kuzolalelwa ngo-Okthoba 2021 ukuthi impahla yakhe ezodliwa ingakanani.